Liyabuyela enkaantolo icala lodumo lokweqa komdlwenguli owayedoba izisulu kuFacebook uThabo Bester. uBester uzovela kanye nabasolwa abayisishiyagalolunye athinteka nabo ekweqeni kwakhe e-Mangaung Correctional Centre ngoMeyi 3, 2022.
Kusolakala ukuthi Isidumbu sikaKatlego Bereng sasetshenziswa njengesikhohlisi ngemuva kokunyenyiswa sifakwe esitokisini sikaBester.
Nokho, iNational Prosecuting Authority yahoxisa icala lokubulala elalibhekene noBester nalaba asolwa nabo ekuqaleni kwecala ngenxa yokungatholakali kobufakazi obubayamanisa nokubulawa kukaBereng.
UBester uzovela nesithandwa sakhe sikadokotela uNandipha Magudumana, uyise kaMagudumana uZolile Sekeleni, Frans Makhotsa, Zanda Moyo, Senohe Matsoara, Buti Masukela, Teboho Lipholo noJoel Maketha.
Ngo-Okthoba nyakenye, umbuso wahoxisa amacala ezisebenzi ze-G4S uNastassja Jansen, Thabang Mier noMoeketsi Mooketsi Ramolula.
Ngalo lolo suku, uMagudumana uhlulekile ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngemuva kokuthi kubikwa ukuthi waquleka elinde ezitokisini esiteshini samaphoyisa asePark Road.
U-Bester weqa e-Mangaung Correctional Centre ngoMeyi 2022.
Kwathiwa ushonile ngesikhathi kuqubuka umlilo esitokisini sakhe, kodwa kwavela ukuthi bekuyitulo lokumsiza eqe esitokisini.
Ngo-April 2023, uBester noMagudumana baboshwa e-Arusha, eTanazania ngemumva kokweqa kuleli bezama ukushaya bechithe.
Ngemuva kokuvela okokuqala ngqa, uBester ujoyine uMagudumana nabanye abasolwa nabo enkundleni ngo-Agasti nyakenye.
Laba bobabili babehlala eduze komunye nomunye enkantolo kuqulwa icala belokhu bepotozana nokwadala izinkulumo eziningi ezinkundleni zokuxhumana iningi libasola ngokungahloniphi umthetho.
UBester uqashwe ngeso lokhozi eKgosi Mampuru Correctional Facility, eTshwane, kanti uMagudumana usezamile ukuthola ibheyili kodwa wehluleka. Ugcinwe esitokisini ejele laseKokstad KwaZulu-Natal.