Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

WAGQUGQUZELWA UMALUME WAKHE OSUNGULE IQEMBU LEBHOLA LOMNQAKISWANO ETHOLENI

Posted on 6 October 2024

Ibonga umalume wayo ngokuba yisibonelo esihle kuyo intokazi esencane esanda kusungula iqembu lebhola lomnqakiswano labantu besifazane abasebancane.

UThobile Magudulela wasendaweni yaseTholeni eMnambithi uphenduke undaba mlonyeni ngokuqoqa abantu abasha besifazane abafundise ukudlala ibhola lomnqakiswano. UThobile uthi into emenze wanentshisekelo yokusungula leliqembu ukubona abantu abasha bengenayo into abayenzayo ikakhulukazi uma bebuya esikoleni. Lentokazi ithi iningi labo ligcina lingene ezintweni ezimbi njengezidakamizwa notshwala.

lentokazi ithi ngale ckokuthi uyathanda ukubona intsha yenza okuthile, yaphinda yagqugquzelwa ngumalume wayo uHenry “Sash Omnyama” Ndlovu owayedume kakhulu kulendawo ngokudlala ibhola nowaphinde waba ngomunye wabasunguli beqembu lebhola lezinyawo elalaziwa ngokuthi yiTholeni Tigers,”Umalume wayesebenza kanzima ukuqoqa nokufundisa intsha ibhola endaweni, lokho kwangenza ngafisa nami ukukhula maqede ngihambe ezinyathelweni zakhe. Nami iqembu lami ngiliqambe ngeleTigers,” kuchaza lentokazi.

Phakathi kwezingqinamba abhekana nazo nsuku zonke kuye kube yindawo yokuziqeqesha kanye nezinsiza zokuziqeqesha ezifana namabhola kanye namapali,”ikhona inkundla uyomphakathi emamapali kodwa inkinga ikude kakhulu kanti nabantwana laba basebancane kakhulu,” kuchaza lentokazi.

Recent Posts

  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme