Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UZOVELA ENKANTOLO UMLISA OTHOLWE NENSANGU IGCWELE PHAMA EVENINI

Posted on 12 October 2024

Umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala uzovela enkantolo maduze ngemuva kokuboshelwa ukushushumbisa insangu ngokungekho emthethweni. Ukuboshwa kwenzeke ngemuva kokulunywa indlebe kwamaphoyisa ngoLwesine, 10 October 2024, ngabo-16:00.

Lolu lwazi lubikele amaphoyisa ngemoto yohlobo lweToyota Hilux esiliva ethwala insangu isuka eMasibekela ilibhekise Kaqhekeza. Imoto ibonakale eMangweni Trust, amaphoyisa azama ukuyimisa ngokushesha. Nokho, umshayeli akazange ame, okwabangela ukuthi amaphoyisa ayijahe imoto kamsolwa.

Ukujahana kugcine ngokuthi umsolwa azinikele emaphoyiseni. Ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto, athole izikhwama ezingu-20 ezinensangu elinganiselwa ku-200.7 kilograms, elinganiselwa ku-R500 000. Kukholakala ukuthi insangu bekuhloswe ngayo ukuthi ilethwe esifundazweni saseNorth West.

Umsolwa ubhekene necala lokushushumbisa insangu, kanti imoto etholwe ngekayise kamsolwa isithathiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General (Dkt) Zeph Mkhwanazi, lincome isenzo esisheshayo samaphoyisa kanye neqhaza lomphakathi ekulweni nokushushumbiswa kwezidakamizwa.

Recent Posts

  • ULEDLULISELA PHAMBILI ICALA OGWETSHELWE UKUNYAMALALA KWENGANE YAKHE
  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme