Owayengumsakazi woKhozi FM, uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya usejoyine Uzalo ngesizini entsha. USibiya odume kwezokusakaza unabalandeli abaningi, ikakhulukazi KwaZulu-Natal, lapho asebenze khona emsakazweni Ukhozi FM iminyaka eminingi.
USibiya uqinisekise lezi zindaba wathi uzobonakala okokuqala namuhla. Uzobe indawo kaLinda Sibiya isilomo somsakazi esijoyina iK-Mash FM okuyisiteshi esidlala ku-soapie ukuze asivuselele.
“Ngijabule kakhulu ngokujoyina Uzalo futhi ngizobe ngizidlala mina nokuyinto engiyiyo vele,” usho kanje. Nakuba engenzanga lutho olutheni kwezokulingisa, lo msakazi owake waba ngumethuli we-Ezodumo uthi uyilindele ngabomvu inselelo entsha. “Ngenze ukwethula okuningi kumabonakude kunokulingisa. Bengisethula izinhlelo kusukela ngo-2001,” uzishaya isifuba.