Ngemuva kokuba badela konke badixwa zimvula baxova udaka abantu kanye nabalendeli bomculi odabuka eBergville uBigZulu bathamela umcimbi wakhe iHome Comming ebingomhlaka 24 December eBergville sport Complex edolobheni, lomculi usethembise ukubabonga ngokubahlabela izinkomo ezimbili.
Abalandeli balomculi babonakala kuma video kanye nasezithombeni begcwele udaka begida bethakasela abaculi abahlukahlukene kulomcimbi bengayigqizi qakala eyemvula, baphenduke ondaba mlonyeni bagcwala ezinkundleni zokuxhumana iningi libabaza indlela abathutheleke ngayo kulomcimbi yize ina imvula.
UBigZulu ube esebonga uthando abamuphe lona wabe esebathengela izinkomo wabathembisa ukuthi ngomhlaka 29 December okungulwesihlanu esiya kulona uzobenzela idili bedle bonke nokuyisibongo sakhe ebageza nodaka lolu lwangomhla wesigameko, “Awu kodwa bafwethu ngicela ukuhlawula futh ngibonge nge 29 December ngizothenga 2 inkomo sidleni inyama ukubonga nje,” kubhala lomculi ekhasini lakhe likaFacebook