Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UZIMISELE UKUBUYISA ISITHUNZI SAKHE UPULE EBHOLENI LAKULELI

Posted on 31 July 2024

NJENGOBA eke wasebenza noGavin Hunt phambilini kuBidvest Wits, umdlali omusha weSuperSport United uVincent Pule unethemba lokuthi lo mqeqeshi uzophinde athole okungcono kakhulu kuyena.

UPule ujoyine aMatsatsantsa a Pitori njengomdlali okhululekile ngemuva kokuhlukana ne-Orlando Pirates ahlala kuyo amasizini ayisithupha.

Kumasizini edlule ubedonsa kanzima ngenxa yokulimala nokuholele ekutheni alahlekelwe yindawo yakhe yokuqala kuBhakabhaka. Kodwa ngemuva kokuhlangana noHunt, lapho esayine khona inkontileka yonyaka, lo mdlali ohlaselayo uthe uHunt uzomsiza abuyise ukuzethemba.

“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha. Ngihlangane nabantu abambalwa engibaziyo futhi ngibheke ngabomvu isizini entsha,” kusho uPule kwabezindaba izolo ngemuva kokuthi iqembu lethule umxhasi walo omusha i-ACDC eRandburg.

“Ngike ngasebenza nomqeqeshi uGavin phambilini futhi lokho kuzongisiza lapha. Ngimqonda njengomuntu, njengobaba, futhi unalowo mqondo engiwuthandayo – wokunqoba izindebe nokuqhudelana nokuwina yonke imidlalo. Ngicabanga ukuthi uzongisiza kakhulu ekubuyiseleni ukuzethemba kwami.”

UPule unomuzwa wokuthi usekunqobile ukulimala kwakhe futhi ufuna ukusiza aMatsatsantsa ukuthi awine indebe eyodwa noma ezimbili ngesizini entsha. “Kuzoba yisizini ethokozisayo futhi sibheke ngabomvu ukuncintisana kuyo yonke imiqhudelwano. Ngethemba ukuthi sizowina indebe eyodwa noma ezimbili,” kusho yena.

“Ngizabalaze kakhulu ngokulimala; kusukela ngilapha, bengiziqeqesha nsuku zonke njengomuntu oneminyaka engu-20. Umqeqeshi uGavin usebenza kanzima, ungumuntu othanda ukuwina ngazo zonke izindlela. Ngicabanga ukuthi njengabadlali kubaluleke kakhulu ukungena kulowo mqondo wokuthi: ‘Sizoqhudelana ngakho konke futhi yilokho esizokwenza kule sizini’.”

Umdlalo wokuqala kaPule weSuperSport uzobhekana neqembu lakhe lakudala iPirates ku-quarterfinal yeMTN8 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo (6pm), futhi ugcizelela ukuthi ugxile kakhulu ukusiza iqembu lakhe elisha liwunqobe lo mdlalo.

“Kubaluleke kakhulu ukugxila njengeqembu. Umqeqeshi uhlale esitshela ukuthi sigxile njengeqembu hhayi njengabantu ngabanye. Lo mdlalo ozayo uzoba nesasasa, futhi ngicabanga ukuthi simi ngomumo njengeqembu. Sikulungele ukuncintisana futhi siwine umdlalo. Ibhola, kufanele ugxile lapho ukhona.”

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme