Umlingisi owaziwa ngendima ayidlale emidlalweni ethandwayo efana neGenerations, no-Scandal, uLuthuli Dlamini, uthu amapunge izindaba zokuthi usehambe ehlala, udla izidakamizwa, futhi uphila impilo yokuswela.
Lokhu kuvele ngemuva kokuba izindaba ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ziveze ukuthi lo mlingisi odabuka eZimbabwe unezinkinga zezimali nezidakamizwa.
Kuvideo eshicilelwe ezinkundleni zokuxhumana, uLuthuli uchaze ukuthi akukho okuyiqiniso kulokhu okushiwo.
“Ngiyabonga kuwo wonke umuntu obonise ukukhathazeka ngempilo yami. Nayi indlu engihlala kuyo – yize kungeyona eyami, ngiyabonga kumuntu onginike yona. Ngihlala endlini engemuva khona lana eThekwini, futhi impilo yami ihamba kahle,” kusho yena.
Uqhubekile wathi, “Ngiyalethelwa ukudla notshwala uma ngikudinga. Ngihlala endlini ephephile, ngiphila kahle, futhi ngiyabonga. Uma kukhona okufanele ngikutshele umphakathi, ngizokwenza ngaphandle kokungabaza.”
Kulesi sitatimende uqhube wathi ufuna ukuqeda ukukhathazeka kwabantu abahlukene ngendlela impilo yakhe ebhekwa ngayo.