Umphakathi wase Matiwane nowaseJonono obuwotha ubomvu uvale amasango enkampani i-Raubex ngamaketanga nezingidi, lenkampani yakha umgwaqo u N11 namuhla ekuseni.
Umphakathi usola uphiko lomnyango wezokuthutha iSANRAL ngokungathembike nangokusebenzisa umnyango wezisebenzi ukufeza izinhloso zawo.
Lomphakathi obuthukuthele ufuna ukwazi indlela eyasetshenziswa yokuqashwa komphakathi. Bathi kwafika umnyango wezabasebenzi wabatshela ukuthi bazobhalisa abantu abazosebenza ku N11.
Lo mphakathi uphinde waveza ukuthi abomnyango bathi benza uhlu lwamagama abantu abazolisebenzisa uma kuqhashwa (database) ukuze kungeke kube nomsindo nokuthi kungagcini sekuqhashwa ngobuhlobo nobungani kanye nobuqembu.
Umphakathi usola ukuthi kunowesilisa owalethwa uSANRAL ukuba azoba sehhovisi lezomthetho(CLO) emphakathini bathi akasebenzi kahle uye lona manje oseqasha ngobungani nobuhlobo wenza lento umnyango owawuzama ukuyigwema.
Kanti ekhuluma nomphakathi obuthukuthele uMnuz Shaun Collins we Raubex uthi sekusemahlombe akhe ukuthi ahlele umhlangano kusasa noSANRAL kanye nabathintekayo ukuze kuzoba nokuthula kuqhutshekwe kusetshezwe.
Kanti uKhansela uThabani Dlamini uthi lento ngeke ilimaze iJonono neMatiwane kuphela kodwa lento ilimaza wonke awadi athintekayo kulomsebenzi uma ingalungiswa.
Uphinde wacela wonke amakhansela athintekayo ukuthi awasondele kubanjiswane ukuze intuthuko yabantu ihambe kahle.
Umphakathi uyafunga uyagomele uthi uzowavala amasango ngomsombuluko uma nje lento ingalungiswa. Futhi akekho oyobavimbi ngalokhu uma sebevala.