Unkosikazi womsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe uTracy Hlophe usephumele obala wavuma ukuthi uyamazi u-Ayanda BhEngu okuvele kuleliviki ukuthi kungenzeka athathwe uHlophe nengonkosikazi wesibili. Izolo lezi zithandani ezingaconsi phansi kwabaningi ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana zivele kuFacebook zizombili kodwa zangaphumela obala ukuthi lezi zinolo ziliqiniso noma zingamanga na.
Namuhlanje uTracey ubhae isitatimende kuFacebook wakhe echaza ukuhi uyayazi lentokazi futhi isibe yinxenye yomndeni wakwahlophe isikhathi eside futhi wayamukela. uyaphika kodwa ukuthi uHlophe uzoyithatha lentokazi ngoSeptember njengoba benubikiwe.
Nasi isitatimende sikaNkosikazi Hlophe ngezansi: