Umculi kamaskandi odumile uMthandeni Manqele obuye aziwa ngeleGcokama elisha usekhwele wadilika kuDr Sipho Sithole ongumsunguli nomphathi wenkampani ekhiqiza umculo kuleli iNative Rythms.
Noma kungacaci kahle ukuthi ngabe uSithole wenzeni kuManqele, kodwa zikhona izinsolo zokuthi lolu laka lukaManqele lusukela ekuphawuleni kwakhe kwenye yamapodcast ekhuluma ngabaculi abafa behlupheka. Kulepodcast uSithole uzwakala enza isibonelo ngengoma kaMthandeni iParis ethi kuyenzeka ingoma ibe nkulu njengeParis futhi idayise kakhulu kodwa uthole ukuthi umculi wayo ugcina efa engenalutho.
UManqele ungene ekhasini lakhe leFacebook washiya angalazi kuSithole, “Ngisebenze kanzima ukulungisa uMlando wami omuhle kubantu. obuncoliswa ngabantu abenza njengalo baba engingamazi ne Smile senkomo,” kuchaza uManqele.
Bheka ngezansi isiyonke into ebhalwe uManqele: