Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMLINGISI WASEMNAMBITHI USOLWA NGOKUHAHABEZA EBEBEHAMBELE INHLOLOKHONO ENEWCASTLE

Posted on 15 January 2024

Intokazi engumlingisi edabuka eMnambithi isithole ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngendlela ephathe ngayo abanye abalingisi ebebehambele inhlolokhono ebihlelwe yinkampani eyisebenzelayo.

Inkampani ekhiqiza amafilimu kuleli iBlack Brain Pictures inomkhankaso wokuhambela amadolobha ehlukahlukene kuleli ithungatha abalingisi abasha engasebenza nabo. Lenkampani ephethwe ngumlingisi nomqondisi uMandla N, ihambele edolobheni laseNewcastle ngomgqibelo, yaphinde yaba seThekwini ngesonto.

Iningi labantu abebehambele lenhlolokhono libuye lingawuvali umlomo ngempatho engeyinhle abayithole kubasebenzi balenkampani abebelekela ekwenziwe kwalenhlokhono. Okuqapheleke kakhulu ukuthi labantu bakhala kakhulu ngomunye umlingisi naye obeyingxenye yethimba ebelihamba neBlack Brain. Laba balingisi bakhala kakhulu ngikwedelela kukaNompilo Mwelase ongowokudabuka eMnambithi oke wabonakala elingisa kwiSkeem Sam neminye imidlalo.

Abebezibonela ngawabo bathi lentokazi ibingakunikezi nethuba lokuthi uqale ulingise, ibivele izwakale isithi, “thank you, next!” Abanye bathi bamangele bekhishwa bengakawuvuli nokuwuvula umlomo, “kanti besizokwenzani uma singanikezwa ithuba lokulingisa?” kubuza omunye umlingisi ezinkundleni zokuxhumana.

Imizamo yokuthola iBlack Brain ukuthi iphawule ngaloludaba iphunzile, kodwa uNompilo yena uziphendulele komunye obekhononda ngaye kuFacebook. Bheka ngezansi:

Recent Posts

  • ABEZIMOBA BAFUNA UHULUMENI AKHIPHE INTELA KUSHUKELA
  • “LOYA BEKUWUMHLANGANO WONTAMO-LUKHUNI WOKUBUKELA PHANSI ABANTU ABAMNYAMA” – MALEMA
  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme