Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMALESELA UNESIFISO SOKUQEQESHA ISUNDOWNS

Posted on 31 July 2024

UDan Malesela udalule ukuthi angakwamukela ukuba yiphini lomqeqeshi eqenjini elifana neMamelodi Sundowns uma ithuba livela, egcizelela ukuthi akagxeki ukuqokwa kukaRomain Folz ngoba ubewugaqele lomsebenzi.

UMalesela, obengasebenzi selokhu asuswa esihlalweni esishisayo yiBaroka ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yama-play-offs ngenyanga edlule, usanda kugxeka ukuqokwa kukaFolz njengomsizi womqeqeshi, wathi uyangabaza ukuthi lesi senzo sihle ebholeni laseNingizimu Afrika.

Manje uMalesela akakakufihli ukuthi angasebenza njengephini lomqeqeshi weSundowns, uma kuvela lelo thuba esikhathini esizayo. UMalesela uphinde wachaza ukuthi kungani engabaza ukufika kukaFolz. UFolz uke wathwala kanzima njengomqeqeshi kuMarumo Gallants nakuMaZulu.

“Kungazwakala sengathi ngiyazifunela umsebenzi [weSundowns] ekubeni kungenjalo ngempela kodwa iSundowns yiqembu engingalijoyina njengephini lomqeqeshi,’’ kusho uMalesela etshela izintatheli emcimbini womqeqeshi uPitso Mosimane wokubungaza ukuhlonishwa kwakhe yi-University of Johannesburg kanye nosuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-60 e-FNB Stadium ngoLwesihlanu.

“Ngokuqokwa kukaFolz bengikhuluma nje ngizwakalise ukukhathazeka ngoba eNingizimu Afrika abasizi babaqeqeshi abanalo izwi lokugcina, pho kungani kulandwa umuntu wangaphandle ongeke abe nezwi lokugcina? Yilokho ebengikhathazekile ngakho futhi ngikhathazekile izinga lokulandelana kwabaqeqeshi okufanele sibe nalo ezweni…kubukeka sengathi asikhathazekile ngabaqeqeshi bethu basekhaya.”

UMalesela uqinise isithunzi sakhe njengomqeqeshi ohlonishwa kakhulu ngesikhathi esiza iTS Galaxy yanqoba iNedbank Cup ngesikhathi isesigabeni sesibili ngo-2018. Lo mqeqeshi owake waqeqesha kuChippa United uthe unephupho lokuqeqesha iqembu elinezinsiza ngelinye ilanga, ezikhalela ngokuthi akakaze ahlangabezane nalokhu emsebenzini wakhe wokuqeqesha.

“Akufana nokuthi angikaze ngiqeqeshe amakilabhu amahle kodwa angikaze ngiqeqeshe amakilabhu anezinsiza…angizange ngibe nalobu bukhazikhazi. Angizange ngibe nethuba lapho ngikwazi ukukhomba umdlali ngithi, ‘Ngiyamfuna lowo mdlali’, futhi ngiyamthola…Bekulokhu kuqedwa lapho nalapha,” esho.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme