Umculi weKwaito osafufusa uMahlangi ongowokudabuka eMnambithi endaweni yaseWatersmeet eGcizela ukhala ezimathonsi emva kokuba angakhokhelwanga imali yakhe ayeyithenjiswe abahleli bomcimbi iLadysmith Show yalonyaka.
Lomculi osezinze eThekwini ngokuhlala, uthi wacelwa abahleli balomcimbi bebambisene nomnyango wezamaciko kuleli dolobha kanye noCCIFSA ukuthi azocula kulomcimbi owawungomhla ka 24 May kulonyaka eMnambithi wathenjiswa ukuthi uzokhokhelwa imali engango R5000. 00, nayeke njengomculi owuthandayo umsebenzi wakhe wavumela phezulu.
UMahlangi uthi izinkinga zaqala uma eseqede ukucula esebuza kwabakwa-Arts And Culture ukuthi uzokhokhelwa nini kanjani, uthi wabe esetshelwa ukuthi akakhulume nabahleli bomcimbi, nabo abamthatha bamphosa kwinhlangano ebhekelele amaciko i-CCIFSA nakhona afika angaluthola usizo.
“Into eyenzeka bhuti ukuthi abahleli beLadysmith Show bathi bazongiqhasha kodwa abantu abazongikhokhela uMnyango Wezobuciko Namasiko. Lomnyango wangijikela mfwethu wanqaba ukungikhokhela kodwa abanye bakhokhelwa. Uma ngibuza enhlanganweni uCCIFSA usisi engakhuluma naye walwa nami wangibuza ukuthi ngizoyenzani imali,” kuchaza lomculi.
Lomculi uthi akanankinga nabahleli bomimbi kepha into ayidingayo yinkokhelo yakhe njengabo bonke abaculi kuphela.
Imizamo yokuthola abahleli balomcimbi iphunzile