Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UKHALA EZIMATHONSI UMCULI OSAFUFUSA NGOKUNGAKHOKHELWA YILADYSMITH SHOW

Posted on 9 June 2024

Umculi weKwaito osafufusa uMahlangi ongowokudabuka eMnambithi endaweni yaseWatersmeet eGcizela ukhala ezimathonsi emva kokuba angakhokhelwanga imali yakhe ayeyithenjiswe abahleli bomcimbi iLadysmith Show yalonyaka.

Lomculi osezinze eThekwini ngokuhlala, uthi wacelwa abahleli balomcimbi bebambisene nomnyango wezamaciko kuleli dolobha kanye noCCIFSA ukuthi azocula kulomcimbi owawungomhla ka 24 May kulonyaka eMnambithi wathenjiswa ukuthi uzokhokhelwa imali engango R5000. 00, nayeke njengomculi owuthandayo umsebenzi wakhe wavumela phezulu.

UMahlangi uthi izinkinga zaqala uma eseqede ukucula esebuza kwabakwa-Arts And Culture ukuthi uzokhokhelwa nini kanjani, uthi wabe esetshelwa ukuthi akakhulume nabahleli bomcimbi, nabo abamthatha bamphosa kwinhlangano ebhekelele amaciko i-CCIFSA nakhona afika angaluthola usizo.

“Into eyenzeka bhuti ukuthi abahleli beLadysmith Show bathi bazongiqhasha kodwa abantu abazongikhokhela uMnyango Wezobuciko Namasiko. Lomnyango wangijikela mfwethu wanqaba ukungikhokhela kodwa abanye bakhokhelwa. Uma ngibuza enhlanganweni uCCIFSA usisi engakhuluma naye walwa nami wangibuza ukuthi ngizoyenzani imali,” kuchaza lomculi.

Lomculi uthi akanankinga nabahleli bomimbi kepha into ayidingayo yinkokhelo yakhe njengabo bonke abaculi kuphela.

Imizamo yokuthola abahleli balomcimbi iphunzile

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme