UMDLALI wasesiswini weChippa United, u-Andile Jali, uyavuma ukuthi indlela adla ngayo kwakhe seyishintshile selokhu asuka eGoli waya e-Eastern Cape. Ujali uthi eGoli ubephila kakhulu ngokudla okubizwa okusheshayo lokhu okubizwa ngamaTake-Aways nobekumdalela izinkinga esisindweni somzimba wakhe..
Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala wajoyina iChilli Boys ekuqaleni kukaJulayi 2024 ngemuva kokungabi naqembu kusukela eshiye iMoroka Swallows ngoDisemba 2023 ngenxa yezinkinga zemali zeqembu.
Yizeabaningi bebemgxeka ngokujoyina iqembu elinjengeChippa Unite kodwa, lensephe ibonakala iwuthanda umuzwa wokuhlala ekhaya nokuba seduze nomndeni wakhe lapho ejabulela khona ukudla okuphekwe ekhaya.
“Kumnandi kakhulu ukuba sekhaya,” kusho uJali etshela iSuperSport.
“Futhi ngidla ukudla okuphekwe ekhaya. Indlela engidla ngayo manje isihlukile kunaleyo engangidla ngayo eeGoli.”
Lowo owayengukaputeni we-Orlando Pirates kanye neMamelodi Sundowns usethembise abalandeli beqembu lakhe elisha leChippa ngaphambi komkhankaso we-Betway Premiership ka-2024/25, ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukulisize lenze kahle ngalesizini.