Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UDJ SBU UTHI AKAZE ANTSHONTSHE NGISHO ISENTI LELI LIKA ZAHARA

Posted on 13 December 2023

U-DJ Sbu ukhulume okokuqala selokhu kwadlula emhlabeni uZahara. Lo msakazi, kanye nowayenguzakwabo kwezamabhizinisi u-TK Nciza basolwa ngokuxhaphaza uZahara ngesikhathi esasayinwe ngaphansi kwenkampani yabo iTS Records.

“Ngithole izolo njengabo bonke abantu, nami ngishaqekile. Inhliziyo yami ibuhlungu njengabo bonke abantu,” kusho uDJ Sbu ogama lakhe langempela nguSbusiso Leope.


Engxoxweni yakhe ne SABC u-DJ Sbu uziphendulele ngezinsolo ezibhalwe ngaye noNciza, osenguNobhala we-ANC eGauteng.

“Siqale ukusebenza noZahara ngo-2011 futhi ngithanda ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bamkhumbule njengomunye wabaculi abanekhono esike saba nabo kuleli,” kusho uDJ Sbu.

Yena noNciza basolwa ngokuxhaphaza uZahara ngesikhathi lo mculi esayiniswa esitebeleni sabo iTS Records phakathi kuka-2011 no-2016 nalapho egcine ethathe isinqumo sokuyishiya le nkampani. I-TS Records yavalwa ngo-2017.

“Sibe nomsebenzi omuhle ngokubambisana, sibe nezikhathi ezimnandi. Nganginjengomfowabo omkhulu kuye; wayefana nodadewethu omncane. Ngiyazi futhi, nakuba kukhona okukhona emphakathini, abantu bangacasuka baphatheke kabi, bafune umuntu ozomsola,” kusho uDJ Sbu.

“Okwamanje, abantu abaningi bathi yimina onecala futhi bayangisola, yize ngingekho. Kodwa njengoba sengisebenze phambi komphakathi isikhathi eside kangaka, ngiyayiqonda indlela esiyiyo njengabantu nanjengabantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi uma sithanda okwethu.”

“Kulungile, masicasuke, sidabuke sizile, sidabuke. Nami ngidabukile kodwa njengoba ngibuhlungu, uthola abantu abaningi bethumela umyalezo ezinkundleni zokuxhumana futhi kulungile, ngizokuthatha konke.”

Ngo-2019 lo mculi ongasekho waya kwabezindaba eyosho ukuthi ozakwabo kwezamabhizinisi abazange bamkhokhele okwakufuneka.

“Ngifuna ukubuyiselwa imali yami, yonke. Amaciko amaningi ahlupheka buthule, acindezeleka futhi agcine efa ehlupheka. Ngeke ngibe yisisulu. Ngizokhuluma,” kusho uZahara ngaleso sikhathi.

“UZahara udinga imikhuleko. Sekuphele iminyaka emithathu ngingasebenzi naye,” kusho uNciza ngo-2019, ephendula lezi zinsolo.

“Njengoba izinto sezibheda usefuna ukwenza izaba akhombe iminwe,” kusho lowo owayeyisikhulu esiphezulu se TS Records

U-DJ Sbu ukuqinisekisile ukuthi uZahara ungumnikazi womculo wakhe nokuthi yonke inzuzo iya kuyena ngqo.

“Odabeni oluthinta inzuzo ngomculo wakhe, kumele kuphendule inkampani angaphansi kwayo okuyi Warner Music. Angicabangi ukuthi ngikhululekile ukusho ukuthi kuzokwenzekani ngama-royalties akhe ngoba akazange asayinwe ngaphansi kwami. Ngingathanda ukuthi inkampani yakhe yokuqopha ikhulume futhi imabele ezinye zezinto.”

“Mayelana nengxenye yethu, kubhaliwe ukuthi sinezivumelwano, sinabameli, yonke into ilungile futhi lokho kuzosingathwa ngendlela uma isikhathi sifika,” kuphendula u-DJ Sbu.

I-albhamu kaZahara yokuqala ka-2011 ethi Lolilwe yahlonishwa nge-platinum ephindwe kabili ezinsukwini ezingu-17 iphumile futhi yadayisa amakhophi angaphezu kuka-100 000, yathatha amaSama ayisishiyagalombili.

“Izingoma zakhe beziduma kuyo yonke eNingizimu Afrika, ezimotweni,” kusho lo msakazi.

“I-albhamu yakhe yokuqala yephule amarekhodi; bekungelinye lama-albhamu amakhulu kunawo wonke asewake wawabona. Abaculi bakhipha umculo, ingoma eyodwa noma ezimbili noma ezintathu zizoba mnandi, i-albhamu kaZahara … i-albhamu yonke imnandi, ngeke nje uyithande eyodwa noma ezimbili,” kusho u-DJ Sbu echaza ngomculo kaZahara.

Kuhlanganisa ne-albhamu yakhe yokuqala, uZahara ukhiphe ama-albhamu amathathu ngaphansi kweTS Records.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme