Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UBENNI UTHI AKAYIBONI IBUCS YEHLULA I-AL AHLY KOWECAF

Posted on 7 December 2024

NJENGOBA i-Orlando Pirates ne-Al Ahly bezimisele ngokuvuselela ukuqhudelana kwabo emdlalweni kaGroup C weCAF Champions League e-Orlando Stadium ngoMgqibelo (3pm), owayengumdlali uBenni McCarthy akakaqiniseki ukuthi amaBhakabhaka anokujula okwenele yini ukuqhudelana naleli qembu eliyinkunzi e-Afrika.

Ekhuluma emcimbini wabezindaba weCarling Black Label ekuqaleni kwaleli sonto eSandton, uMcCarthy uthe amaBhakabhaka kufanele agxile emqhudelwaneni owodwa lapho ezofaka khona wonke amandla awo.

IPirates iqale imidlalo yamaqoqo ngokunqoba ngo 2-1 ekuhambeni ku-CR Belouizdad kanti izoba nesivivinyo esikhulu kunazo zonke uma izobhekana nompetha abavikela isicoco i-Ahly namuhla. I-Ahly isinqobe lo mqhudelwano irekhodi izikhathi ezingu-12, ukudlula wonke amakilabhu ezwenikazi.

“Ngiyethemba ukuthi baqine ngokwanele, kuze kube yimanje benza kahle kakhulu. Kodwa ngicabanga ukuthi uma ufuna ukunqoba isicoco se-PSL [Betway Premiership] futhi ufuna ukuya kowamanqamu weChampions League, uzodinga izikwati ezimbili,” kusho uMcCarthy.

“Kanti ubonile bedlala neStellenbosc [emdlalweni weligi lapho behlulwe khona ngo 0-1 ngeSonto], uthola ukuthi kuya kuba nzima.”

“Ngiyethemba ukuthi bazojula ngokwanele futhi babuyise abadlali babo abalimele futhi bangabagcini bengenakulimala ngoba bazodinga wonke umdlali.”

Njengamanje lezi zinkunzi zase-Egypt zibambene ngamaphuzu amathathu nePirates ngemuva kokuyinqoba yomibili imidlalo yokuvula.

AmaBhakabhaka azothola ugqozi ngokuthi aqumba phansi i-Ahly ngo-2013, ngaphambi kokuthi adlale ngokulingana ngo 1-1 emlenzeni wokubuyela kuGroup A.

Baphinde badlala ngokulingana ngo 1-1 ngaphambi kokunqoba ngo 2-0 e-Egypt kowamanqamu wemilenze emibili ngonyaka ofanayo.

IPirates izophinde ithembele efomini yayo yasekhaya okuyiyona eyenze ukuthi umkhankaso wayo uwuqale kahle lo mqhudelwano.

Abadlali abancane abafana noRelebohile Mofokeng noMohau Nkota bazobheka ukuqhubeka lapho begcine khona bebhekene neBelouizdad emdlalweni wokuvula.

Recent Posts

  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme