UBenni McCarthy ukuchithile ukuqagela okumatanisa nomsebenzi wokuqeqesha kuMamelodi Sundowns, ecacisa ngokuthi ukuhlangana kwakhe kwakamuva nomqondisi weqembu, uFlemming Berg, kwenzeka nje kwaqondana.
Engxoxweni abe nayo ne Times Live lo mgadli owake wadlala kuBafana Bafana uphike wama ngentaba ukuthi usezinngxoxweni neSundowns, “Angikakhulumi neSundowns. Kuke kwaba namahlebezi futhi amanye ake aba khona, kodwa amahlebezi ayekhona ngesikhathi iChiefs ingenaye umqeqeshi, ethi, ‘UBenni uyeza kuChiefs.’ Uyazi, amahlebezi angamahemuhemu — ungawalaleli amahlebezi.”
UMcCarthy, 47, ukugcizelele ukuthi azikho izingxoxo ezike zaba khona phakathi kwakhe neSundowns futhi wazwakalisa inhlonipho ngethimba labaqeqeshi elikhona njengamanje, okuhlanganisa noManqoba Mngqithi. Unxuse abantu ukuthi bayeke ukufaka ingcindezi engenasidingo eqenjini lobuchwepheshe leSundowns, wathi, “Banabaqeqeshi abanamava, ngakho kumele sibanikeze inhlonipho ebafanele labo baqeqeshi. Yekani ukubafaka ngaphansi kwengcindezi kungenasidingo ngokudala ukuthi ngiye noma yikuphi.”
Ekhuluma ngodaba lokuxoxisana kwakhe noBerg, uMcCarthy uchaze ukuthi bekuyithuba lokuhlangana esikhumulweni sezindiza okungahlangene nokuhlelwa kwabaqeqeshi beSundowns. “Kwaba nje, ushayisana nomuntu esikhumulweni sezindiza. Ngakho kwakungewona ngisho umhlangano. Wayengathi, ‘Ah, ngikukhumbula ngesikhathi udlala ePorto,’ futhi angicabangi nokuthi sake sakhuluma ngeSundowns.”
UMcCarthy uphethe ngokugcizelela ukuthi amahlebezi okuthi ujoyine iSundowns “angamanga sibili” wabe esencoma ithimba labaqeqeshi elikhona njengamanje, elifisela impumelelo eqhubekayo.