Sezinesu elisha izigebengu lukuwaka amaciko ngokuwakhohlisa ngokuwaqasha ukuze zithole imali.
Ngolwesine oledlule zifonele ongumsakazi esiteshini somsakazo ozinze eMnambithi uSiyabonga Perfect Mlotshwa owaziwa ngelika MFAN-PERFIE bemuthembisa ukumqasha kumkhankaso we HIV ohlelwe ngumnyango wezempilo ozothatha izinsuku esiyisithupha base bemyalela ukuba afune umuntu one sitifiketi okuthiwa yi-certificate of incorporation okuyiso esidingeka kulabo abahlinzeka ngomsebenzi kulomnyango njengoba yena engenaso ukuze kuqonde izinto.
UMlotshwa esizekela ngalesi sehlo uthe ” konke bekuzwakala kuqondile njengoba umlisa omfonelile ubengumuntu otshengise ukumazi futhi okuqondayo nokusebenza kwabaphathi bemicimbi, uqhube wathi ujabulise okwengane encane uma lomlisa emcela ukuthi akakhuphule inani lemali ayibizile ngoba incane kakhulu kwazise basebenza nohulumeni manje nebala naye wenza kanjalo wabe esemazisa ukuthi kuzomele amunike u10% kulemali ngokumzama ngomsebenzi.
Izinto ziqale ukubheda uma sekumele athole lomuntu ozomunika lesitifiketi njengoba yena engazi muntu onaso nathi ube esecela lomlisa ukuthi amyalele ongaba naso kwazise phela nguye osebenza ngalabantu kulomsebenzi wabo, lomlisa ube esemyalela omunye athe useMtshezi ogama lakhe kuthiwa uNhlanhla ojwayele ukusebenzisana nabo, ube esemthintake lomuntu ovumele phezulu wathi uyasiqashisa futhi uzombiza nje imali encane nje wabiza uR100 ngosuku njengoba lomkhankaso ubuzothatha izinsuku eziyisithupha. UmfokaMlotshwa ube esethi ngamanzi amancane lanko wabuza indlela akhokhelwa ngayo bavumelana ngokuthi uzomenzele ieWallet ngoba ukhale ngokuthi une loan ayibalekelayo ebhange lakhe, nebala wenzanjalo nokuthe sekumele bahlangane ukuze amunike isitifiketi wavele wathi usuka eHarrismith kuze kube manje akaze afike eMnambithi nocingo lwakhe akasalubambi.
Sixwayisa onke amaciko ngaloluhlobo lobugebengu okuthiwa budla lubi eStcourt.