Isihlabani se-kwaito uDoc Shebeleza ukhombisa izimpawu zokuthi uyalulama ngemuva kokuhlinzwa.
NgeSonto, kubikwe ukuthi umndeni walo mculi, 51, ukuqinisekisile ukuthi ungeniswe esibhedlela wacela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bamkhulekele.
Ngokusho kokhulumela umndeni ophinde abe yimenenja uShakes Mavundla, lo mculi usephumile e-ICU esibhedlela esizimele eGoli ngemuva kokuhlinzwa ngoMsombuluko.
Uthe ukugula kukaDoc Shebeleza kwamangaza wonke umuntu njengoba ubesaphilile ematasa namalungiselelo omcimbi abezowenza.
“Ngishaqekile njengoba ebebukeka ejabule futhi engumqemane futhi elungiselela umcimbi we-Aboguluva eSoweto, kodwa sinethemba lokuthi uzophumelela ngemuva kokuhlinzwa,” kusho uMavundla etshela iTshisaLIVE.
“Uphila kahle futhi usemoyeni omuhle. Ungaphansi kweso likadokotela futhi angase aphume maduze. Nathi siwumndeni sinomoya omuhle.”
Ekhasini lakhe lenkundla yezokuxhumana, lo mculi ubhala izingcaphuno ezikhuthazayo, iziqeshana zevidiyo ezikhuthazayo nemibhalo yeBhayibheli.