Abafundi baseSeatides Combined School eGenazzano babuyile emaholidini abo ngoLwesibili emakilasini angomahamba nendlwana angu-30 ngemuva kokuthi isiphepho sicekele phansi izingxenye zesikole sabo.
Lesi sikole, esinabafundi abangu-900, singesinye senqwaba yezakhiwo ezacekelwa phansi ngesikhathi iziphepho zihlasela ingxenye yeKZN ngenyanga edlule.
Uthishanhloko uKola Govender uthi uhambo lokululama belunzima.
“Uma ufika esikoleni uzosibheka ungazibuza ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukubuyisela uhlaka ezinyaweni zalo. Ngakho-ke lokho kuyinselelo.
“Nokho, siyayibonga iNkosi. Sibe nezinkampani ezimbalwa, imboni ezimele nezinhlangano ezize ngaphambili zizosebenzisana nathi futhi zihlanganyele ngokubambisana nesikole nomnyango. “
UNgqongqoshe wezeMfundo uSipho Hlomuka uvakashele lesi sikole ngoLwesibili njengoba kuqala ihlandla lesithathu.
Uhlole umonakalo wesiphepho wamemezela ukuthi abafundi bakamatikuletsheni bakulesi sikole bazohlala isikhashana e-Anton Lembede MST Academy njengoba kusalungiswa.
Uthishanhloko uGovender uthe amayunithi esikhashana azoqinisekisa ukuthi ukufunda kuyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.
“Siyajabula ukuthi amayunithi angu-30 ebesithenjiswe wumnyango asefikile. Ngenxa yokucekelwa phansi okuncane, sizobuyela ekilasini siqhubeke nokufundisa okujwayelekile.”