Bangaphezu kwesigidi abantu asebefake izicelo zokukhipha izimali zabo selokhu kwaqalwa uhlelo lokuthatha izimali zempesheni isikhathi singakafiki olwaziwa ngokuthi yiTwo Pot System. Lolu hlelo oluvumela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathole ingxenye yesikhwama sabo sempesheni ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi, luqale ukusebenza ekuqaleni kukaSepthemba.
I-SARS ithi isiqoqe intela engaphezu kuka-1,2 million kubantu abasebenzisa loluhlelo.
Esitatimendeni, lenhlangano eqoqa intela kuleli ithi kugunyazwe abantu ababalelwa ku-1,1 million ukuze kukhishwe izimali zabo.
kanti isiyonke imali ekhokhelwe abahlomula kuloluhlelo selokhu luqalile ibalelwa ku-21.4 Billion wamaRandi.
U-SARS uthi abakhokhintela kumele baqinisekise ukuthi bayaqinisekisa izinombolo zabo zentela kanye nomazisi futhi bahlole ukuthi abanaso yini isikweletu esisilele kumkhokhi wentela.