Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

SEKUQUBUKE IMPI YAMAZWI PHAKATHI KUKA JACINTA NGOBESE NOKINI SHANDU

Posted on 7 January 2024

Iyaqina impi yamazwi ezinkundleni zokuxhumana phakathi komsakazi wesiteshi somsakazo esizinze ethekwini iVuma FM uJacinta Ngobese naloyo owake waba ngumsakazi kanjalo nomethuli wezinhlelo kumabonakude uKini Shandu.

Abazazi kahle bathi indaba iqalwe nguXolani Mcineka oyisazi sezesintu kanjalo nomhleli wemicimbi obuye asondelane kakhulu noKini Shandu.

UMcineka wenze iVideo ekhuluma ngokuganana kanye nezinto okungamele zenziwe owesifazane oganile. Ugcizelele kakhulu indaba yabantwana abatholelwa ekhaya wathi labo bantwana akumele neze oganayo ahambe nabo ayogana, kodwa labo bantwana bangabasekhabonina ngakho kumele basale ekhabonina bondliwe omalume. Uphinde wathinta eyokuthi akufuneki nangengozi umuntu wesimame oganile acele ucansi kumyeni wakhe, kepha owesilisa kuphela onelungelo lokucela ucansi kumuntu wesifsazane, “Uze azicelele ucansi nje ucela ngezinkomo ezingaki? Ufuna ukukhwela mina emzini kababa?” kubuza umcineka kulevideo enamekwe ekhasini lakhe lakufacebook.

Kubukeka engathi levideo ayehlanga kahle eningini labesifazane abayibonile, kubandakanya noJacinta. Lentokazi yakwaNgobese ibonakale isibhala ekhasini layo elinabalandeli abaningi ithi,

“Sekusile… Vukani nislawule… Nistshele ukuthi ngokosiko a Zulu man must what ke namhlanje?

Usiko laka Zulu luthini ngokuthi a Zulu man angondli? Aniykhulumi phela leyo“

Akagcinanga lapho umangobese ubonakale esebhala futhi ethi,

“Athi ngokwesinto ingane ayisale ko Malume… Lapho uyena uMalume futhi kwayena akondli usakhulumela amaqanda _ uZulu man Nibe nosuku oluhle bafethu“

Kubukeka engathi uKini imthintile lenkulumo kaMangobese ngoba ubonakale naye ebhala ekhasini lakhe egcizelela lokhu ebekushowo wuMcineka. Yize noma ebuye wakususa loku abekubhalile uShandu kodwa ebehamba kuwo amagama kaMcineka egqugquzela abantu besifazane abasebancane abebabiza “ngamakhosazane” ethi bengalinge balalele abantu lapha kuFacebook bebadukisa bethi abazalele emakhaya.

UMaNgobese nakanjani uyibonile le eshiwo uKini waqhamuka naye wathi, ” Kusho ibhomu yakulowomuzi efihlelwayo ukuthi akuyona eyakhona… “Usiko lutho… umsamu uthi” kanti vele IComrade ali recogniswa ndawo, lazi ukuthi elasemshadweni kanti choooooo!“

Ngathi igcine igoba uphondo eyako Shandu ngoba izwakale isibhala sakuduba ithi,

“Sengithule ngoba senifaka nezingane zami noMkami kulento, OK ke mithani ke sengithule.

Yenzani okuthandwa yinina ke.

Isintu sithi block yonke Imdlambila ekujwayela kabi……

Ngolala kubuhlungu izithupha namhlanje inkosi impela,ayidingan nje kangako , ayincengene“

Akwaziwa ukuthi lempi yalaba bobabili iyophelelaphi. Uzokhumbula ukuthi bake basebenza bobabili kwiGagasi FM ohlelweni i-Alex And The Crew eminyakeni eyedlule. kanti baphinde babonakala kwenye iPodcast eyayithi Emganwini eyanyamalala namanje okungaziwa ukuthi kwenzakalani ngayo

Recent Posts

  • ABEZIMOBA BAFUNA UHULUMENI AKHIPHE INTELA KUSHUKELA
  • “LOYA BEKUWUMHLANGANO WONTAMO-LUKHUNI WOKUBUKELA PHANSI ABANTU ABAMNYAMA” – MALEMA
  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme