KUGWETSHWE OWESIFAZANE WASE-KZN NGOKUZENZA ISIKHULU SOMNYANGO WEZOKUTHUTHA

UGWETSHWE wahlawuliswa owesifazane waKwaZulu-Natal ngokuzenza izikhulu zoMnyango wezokuThutha nokuqola amalungu omphakathi. UNozipho Mathenjwa ugwetshwe izinyanga eziyisithupha ejele wahlawuliswa u-R10 000 yiNkantolo yeMantshi yaseMmbombo enyakatho neKwaZulu-Natal ngoLwesine, 15 January 2026. UMathenjwa uwavumile amacala okukhwabanisa nokuqola imali ngemuva kokuzenza isikhulu soMnyango wezokuThutha efuna imali yamathuba emisebenzi namathenda mbumbulu. Inkantolo izwe ukuthi uhlomule ngokungemthetho ngokudukisa izisulu ezingasoli lutho….

Read More

IMEYA KAMASIPALA WESIFUNDA SASE-AMAJUBA UHAMBELE IZIKOLE EZIMBILI UKUYOHLOLA ISIMO SOKUZILUGISELELA NJENGOBA KUQALA UNYAKA WOKUFUNDA KA-2026

Ubuholi bukaMasipala wesifunda Amajuba, oholwa uMeya uCllr T.E Mthembu,buvakashele izikole iBethamoya Secondary nasOkhalweni primary School,njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokuqinisekisa ukuthi unyaka wokufunda ka-2026 uqala kahle futhi ngaphandle kwezihibe. Loluhlelo,lokubeka ukuthi izikole zikulungele ukufunda nokufundisa, kuhloswe ngalo ukiqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuhamba ngendlela,kanye nokulethwa kwezinsiza ngempumelelo kuzo zonke izikole. Loluhlelo luphinde lwanikeza ithuba ubuholi bukaMasipala wesifunda kanye…

Read More

IZAKHAMIZI ZIVALE THANQA ISIKOLE ESAHLUMBE ZIKHALA NGOTHISHANHLOKO

Umphakathi waseSahlumbe uvale isikole iSahlumbe High School namuhla, uthi ufuna ukuthi kuqashwe uthisha omkhulu ngokugcwele. Bathi sekuphele iminyaka emibili lesi sikole singenaye uthisha omkhulu okhona nsuku zonke, njengoba okhona bethi usebenza kwesinye isikole kodwa uhola ngeholo laseSahlumbe High School. Ngenxa yalokhu, othisha nabafundi bajikisiwe babuyiselwa emakhaya. Kuthiwe abafundi mababuye esikoleni ngoMsombuluko. Umphakathi uthi iDepartment of…

Read More

SIMANGAZE ABANINGI SIPHASA NGAMALENGISO ISIKOLE SASEMNAMBITHI ESIDUME NGEZINXUSHUNXUSHU

Isikole samabanga aphezulu iSlindokuhle eMnambithi sizuze ingqophamlando ngemuva kokuqopha izinga lokuphasa ngo-100% ezivivinyweni zeNational Senior Certificate zango-2025. Le mpumelelo ikhombisa ushintsho olukhulu kulesi sikole, ebesinenkinga yokungenzi kahle ezifundweni eminyakeni edlule. Isikhathi eside isikole iSlindokuhle High School sibhekene nezinselelo ezifana nezinga eliphansi lokuphasa, izinsizakusebenza ezingaphelele kanye nezinkinga zokulwa kwabantu. Kodwa-ke, ubuholi obuzimisele, othisha abazinikele kanye nokuzinikela…

Read More

OWOKUFIKA UVELE ENKANTOLO NGECALA LOKUBULALA EWEMBEZI

Uvelile namuhlaeNkantolo yase-Estcourt umlisa ongowokufika kuleli obhekene necala lokubulala umuntu abekade ethandana naye endaweni yaseWembezi.Icala lihlehliselwe umhla ka-21 January 2026. Lokhu kudalwe wukuthi akekho okwazi ukukhuluma ulimi lwakhe enkantolo, okwenza kube nzima ukuqhubeka nokuqulwa kwecala. Inkantolo iveze ukuthi uhulumeni kumele amhlinzeke ngommeli wamahhala kanye nomhumushi ozokwazi ulimi lwakhe ukuze kuqinisekiswe ukuthi inqubo yezomthetho ihamba ngendlela…

Read More

UMPHAKATHI WASESIGODLWENI EMTSHEZI UYALELE ABOKUFIKA UKUTHI BAHAMBE NGEMVA KOKUBULAWA KOWESIFAZANE

UMPHAKATHI waseSigodlweni e-Estcourt, KwaZulu-Natal Midlands, uyalele bonke abokufika kuleli ukuba baphume ngokushesha kule ndawo kulandela umhlangano obushubile obubanjwe izolo.Lo myalelo ukhishwe ngemuva kokuthi izakhamuzi zihlangene zizodingida izinsolo zokubulawa kowesifazane wakule ndawo, okukholakala ukuthi ubulawe yisoka lakhe elidabuka kwelinye izwe. Umhlangano kuthiwa uke washuba, amalungu omphakathi ezwakalise intukuthelo, nokudinwa ngalesi sigameko.Izakhamizi zithi lesi sinqumo sithathwe njengempendulo…

Read More

ABANTU BAMATEKISI BAVALE THAQA UMGWAQO EMHLUMAYO EMNAMBITHI

Abashayeli nabanikazi bamatekisi kanjalo nomphakathi waseMhlumayo bavale umgwaqo ongenela kulendawo eMaphemvane. Imboni nomphakathi bathi bafuna uNgqongqoshe wezokuthutha kwaZulu-Natal uMnuz Sboniso Duma azophendula ngalo mgwaqo okwathiwa uzolungiswa ngumnyanga wezokuthutha ngesikhathi kusaphethe uNgqongqoshe uSipho Hlomuka osumagebhugebhu. Baveza ukuthi kulomgwaqo uNgqongqoshe u Hlomuka wathula imali engu R10 million kuthi kuzolungiswa u25 km kodwa akukaze kuqalwe kunalokho kwapheshwa izigodi…

Read More

UGCINE ETHOLAKELE UMAMA WOMNTWANA OTHOLAKALE ELAHLIWE EXHAPHOZINI EZAKHENI

Amaphoyisa aseZakheni aqinisekisile ukuthi ugcine etholakele waboshwa umama womntwana obetholakale elahliwe emhosheni endaweni yaseZakheni kwa-B. Lomtwana, okubikwa ukuthi uneminyaka ecishe ibe mibili, watholwa amalunga omphakathi ngemva kokuzwa ukukhala, kwase kubizwa amaphoyisa. Ngenhlanhla, umntwana watholakala esaphila futhi waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo. Ngemuva kophenyo lokuqala, amaphoyisa akwazile ukulandelela nokubamba umama womntwana, osevele wabekwa ngaphansi kwecala….

Read More

UMBALULA UTHI BANGU 20 000 ABANTU ABAHLAMBE UMCIMBI WOSUKU LOKUZALWA KWE-ANC

UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthi babalelwa ku-20 000 abantu abebehambele umhlangano wangoJanuwari 8 obuseMoruleng Stadium eNorth West ngoMgqibelo. Lo mcimbi ububungaza iminyaka engu-114 kwasungulwa i-African National Congress, lapho umengameli weqembu uCyril Ramaphosa ethula isitatimende saminyaka yonke sikaJanuwari 8. Phezu kokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana bethi i-ANC yehlulekile ukugcwalisa inkundla enezihlalo ezingu-30 000, uMbalula uzichithile lezi zinsolo,…

Read More

UBEKWE ENDLINI YAKHE YOKUGCINA UMFUNDI OBULAWE YISOKA LAKHE LAMGQIBA

Ukubulawa ngesihluku komfundi wase-University of KwaZulu-Natal oneminyaka engu-23 ubudala uSimphiwe Zinhle Mchunu odabuka eMnambithi kuthumele umlayezo oshaqisayo kulo lonke elaseNingizimu Afrika, kuphinde kwagqamisa inkinga yodlame olusekelwe ebulilini. UMchunu, obengumfundi wonyaka wokugcina weziqu zobuthishela kanye nonina wengane eneminyaka emithathu ubudala, wabikwa ukuthi ulahlekile ngomhlaka-22 Novemba 2025. Isidumbu sakhe satholakala kamuva singcwatshwe ethuneni elingajulile endaweni thize eMlazi,…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved