ZIDALE UMONAKALO IZIMVULA EMNAMBITHI NASEBERGVILLE

Izimvula ezinamandla ezihlasele izolo ntambama zidale izikhukhula emadolobheni aseThukela, ikakhulukazi eMnambithi naseBergville, kwaphazamiseka ukuhamba kwabantu nemisebenzi yansuku zonke. EMnambithi, umgwaqo uLyell Street uvaleke ngokuphelele ngenxa yamanzi amaningi agcwalise umgwaqo, kanti nezingxenye zikaMurchison Street zithinteke kakhulu, kwaphoqa izimoto ukuthi zisebenzise eminye imigwaqo. EBergville, izikhukhula zingene ezitolo eziningana, okubalwa neSpar, okudale ukuthi zivalwe okwesikhashana ukuvikela impahla nokuphepha…

Read More

OWOKUFIKA USHAYE WABULALA OWAYEYINTOMBI YAKHE EMTSHEZI

Umphakathi waseWembezi eMahhashini uthukuthele ugane unwabu kulandela isigameko esishaqisayo esenzeke izolo, lapho owesilisa wokufika okuthiwa uhlala kuleli ngokungemthetho eshaye wabulala owesifazane obeyintombi yakhe. Kuthiwa lo wesilisa ubemphoqa ukuthi babuyelane, kwagcina ngokuba kube nodlame oluholele ekushoneni kwakhe esigamekweni. Amaphoyisa abizwe ngokushesha kanti umsolwa uboshiwe futhi uvalelwe esitokisini, uphenyo luyaqhubeka. Umphakathi usuhlabe ikhwelo lokuthi kube nokubambisana namaphoyisa…

Read More

I-DA IFUNA KUFAKWE AMAKHAMELA OMZIMBA EMAPHOYISENI NGEMUVA KOKUBULAWA KWABANGU-8 EKZN

IDemocratic Alliance (DA) isiphakamise ukuthi kuphuthunyiswe uhlelo lwamakhamera afakwa emzimbeni(Body Cams) emaphoyiseni aseNingizimu Afrika (SAPS) kulandela uchungechunge lwezigameko zokudubulana KwaZulu-Natal ezishiye okungenani abasolwa abayisishiyagalombili beshonile kuleli sonto. Iqembu selicele ngokusemthethweni isithangami sasephalamende kuMnyango Wezamaphoyisa, likhuluma ngokubambezeleka kokuqaliswa kohlelo lwamakhamera omzimba, yize noma sewedlulile umnqamulajuqu ka-2025. Esinye sezigameko senzeke eNanda ngesikhathi kunomkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu. I-DA…

Read More

I-DA ITHI UKUPHUMA KWE-NFP NGEKE KUPHAZAMISE UHULUMENI WESIFUNDAZWE E-KZN

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ithi isinqumo seNational Freedom Party (NFP) sokushiya iGovernment of Provincial Unity (GPU) akusho ukuthi sekuzobekwa uhulumeni omusha wesifundazwe. Umholi we-DA esifundazweni uMnuz Francois Rodgers uthi amaqembu asele azohlangana akhulume namanye amaqembu acabanga njengawo ukuze kugcinwe isifundazwe sizinzile. URodgers uphakamise ukuthi lesi sinqumo singamataniswa nezikhundla zobuholi, wathi phambilini umholi we-NFP wayefuna isikhundla…

Read More

ZIBUYELA ENKANTOLO IZELAMANI EZISOLWA KWELOKUBULAWA KUKA-AKA

Izelamani zakwaNdimande, uSiyabonga noMalusi, abamataniswa necala lokubulala umrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, babuyele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Laba bobabili baxoshwa e-Eswatini ngoNovemba kulandela ukuqulwa kwecala isikhathi eside, ngemuva kokulaxaza isicelo sabo sokuphikisa ukubuyiselwa ezweni. Bevela enkantolo ngemuva nje kokubuyela eNingizimu Afrika, ummeli wabo uthe kusamele kuqoqwe eminye imininingwane ngenxa yohlelo lokubuyisela kuleli….

Read More

UYALELWE UKUTHI ESULE ESISHAYAMTHETHO SAKWAZULU-NATAL UMBALI SHINGA

UMbali Shinga, uSihlalo we-NFP e-KZN, ubhekene necala langaphakathi lokuqondiswa kwezigwegwe, ngokwephula umyalelo weqembu. UShinga kuthiwa wenqabile ukweseka isiphakamiso se-MK Party sokungabethembi ubuhloli bukaNdunankulu uThami Ntuli ngoDisemba. Ngemuva kokuvela kwakhe phambi kwekomiti eThekwini, ubuholi be-NFP bumyalele ukuthi asule esikhundleni sakhe esishayamthetho ekupheleni komsebenzi ngoLwesine. Ingxabano igxile ekuhlulekeni kwakhe ukuhambisana nomgomo wamasu weqembu obheke eqenjini eliphikisayo le-MK.

Read More

I-ANC IBUNGAZA IMINYAKA ENGU 114 YASUNGULWA

Namuhla kuhlangana iminyaka engu-114 kwasungulwa i-African National Congress (ANC), okuyenza ibe yinhlangano endala kunazo zonke elwela inkululeko ezwenikazi lase-Afrika. lenhlangano ibilokhu ikhumbula lengqophamlando isonto lonke eRustenburg, eNorth West, ngochungechunge lwemicimbi. Lokhu kuhlanganisa imikhankaso yendlu ngendlu kanye nomcimbi wokusika amakhekhe, nemigubho ezophothulwa embuthanweni ozoba seMoruleng Stadium ngoMgqibelo. UMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi asebenzise lo…

Read More

KUFE ABAHLANU ABADUBULE KUQALA BEBHEKENE NAMAPHOYISA E-KZN

KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa abahlanu ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa KwaZulu-Natal kwaBester. Laba bebefunwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nelokugebenga kuhlonyiwe. Amaphoyisa athi amaphoyisa avele angenela abasolwa kulandela uphiko lwezobunhloli, kodwa ahlangana nemvula yezinhlamvu ngesikhathi ezama ukubabopha. Kube nokudubulana kwaze kwashona abasolwa abahlanu endaweni yesigameko. Awekho amaphoyisa okubikwe ukuthi alimale ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso. Kuze kube manje sekutholwe…

Read More

UGQAMISE UKUBALULEKA KOMKHULEKO EZIKOLENI UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO E-KZN

UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN umhlonishwa Sipho Hlomuka ugcizelele ukubaluleka kokukhuleka ezikoleni ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukufunda kuhamba ngendlela. UHlomuka obekhuluma nabafundi nothisha ehambele izikole ezimbili zaselokishini laseZakheni eMnqmbithi, iZakheni High School kanye ne-Ekukhuleni High School namuhla, uncome othisha nabafundi balezi zikole ngokwenza kahle nyakenye. Uthi lokhu kukhomba ukubambisana okuhle phakathi kwabafundi, othisha nabazali, “Into eyenze sivakashele lezi…

Read More

KUSAGUJWA NANAMHLANJE LAPHO ISAYONI SIKHOMBE UKUTHI KUGQITSHWE KHONA UMZIMBA WOWANYAMALALA EMNAMBITHI

Awukalilahli ithemba umndeni kaSiyabonga Vilakazi waseMnambithi eRooi njengoba namanje usagubha endaweni le ekhonjwe yiSiyoni njengendawo la kwagqitshwa khona umzimba wakhe. USiyabonga wanyamalala ngonyaka odlule ngo-April lapho agcina ukubonakala ethathwe nguMseshi wamaphoyisa kanye noMalume ayekade exabane naye,akaphindanga wabonakala. Ngokusho kwamaphoyisa bathi wabaleka ngaphambi kokufika esiteshini samaphoyisa waye wayoziphosa emfuleni. Umphakathi kanye nomndeni bazama izikhawu eziningi ukuthola…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved