UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizinda uDean Macpherson kulindeleke ukuthi namuhla ahambele indawo lapho kubhidlike khona isakhiwo eBuhleni village eNanda, KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe kulindeleke ukuthi ahambisane neMeya yaseThekwini uCyril Xaba.
Iesisakhiwo, esisegcekeni lebandla lamaNazaretha, sibhidlike izolo, kwalimala abantu abayisishiyagalombili kanti abanye abebevaleleke ngaphansi kwalalesisakhiwo,batakuliwe.
Imbangela yangempela yokubhidlika ayikakaqinisekiswa.
