Sihlehlisiwe isigcawu sokulalelwa kobufakazi bukalowo owayengu Ngqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko phambi kweKhomishini Ephenya ngamacala e-Truth and Reconciliation Commission (TRC).
Lokhu kuzanje bekulindeleke ukuthi uNheko azofakaza ngemizamo yakhe ayenza,uma ikhona,yokuqinisekisa ukuthi amacala obugebengu adluliselwa yi-TRC aphenywa futhi ashushiwa ezinkantolo.
Kuleli sonto lekhomishini ibilalele ubufakazi obubethulwa yilabo ababengoNgqongqoshe bamaPhoyisa ngaphambilini okubalwa kubo uBheki Cele noFikile Mbalula.
Umholi wethimba labameli abethula ubufakazi, u-Advocate Ishmael Semenya, uthe akazange avele phambi kweKhimishini namhlanje uNhleko ngenxa yokuthi akaphilile.
