INkantolo Yesifunda yaseLadysmith igwebe owesilisa odilikajele abathathu ngemuva kokumthola enecala lokudlwengula amantombazane amathathu aneminyaka engu-7 no-10 ubudala kanye necala lokulutha izingane ngenhloso yokuzihlukumeza ngokocansi.
Lesi sigameko senzeka mhla zingama-25 kuMfumfu ngonyaka odlule endaweni yase-Oqolweni, Okhombe E=eBergville, lapho amantombazane amabili ayeyovakashele umngani wawo ongumakhelwane.
Ngokusho kwamaphoyisa, umsolwa waheha lezi zingane wangena nazo egumbini ngokuzivumela ukuthi zidlale imidlalo kumakhalekhukhwini wakhe. Sezingaphakathi, wakhiya umnyango, wavula ifilimu yabantu abadala kuthelevishini, wase ethatha umakhalekhukhwini ukuze izingane zigxile kule filimu. Wabe esezikhumula izingubo futhi waziyalela ukuba zenze okufanayo nabantu ababebonakala kule filimu ngaphambi kokuzidlwengula zonke.
Izingane azizange zibike lesi sigameko ngokushesha, kodwa kamuva zatshela uthisha wazo, owabe esebikela amaphoyisa.
Amaphoyisa aseMaatsheni abopha umsolwa ngokushesha, kwathi uSergeant Mavis Mbatha woPhiko lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) eLadysmith waqondisa uphenyo. Umsolwa wabekwa amacala amathathu okudlwengula kanye nelilodwa lokulutha izingane ngenhloso yokuzihlukumeza ngokocansi, kwathi isicelo sakhe sebheyili saphikiswa ngempumelelo.
iNkantolo Yesifunda yaseLadysmith imgwebe odilikajele abathathu, isigwebo esisodwa ngecala ngalinye lokudlwengula, kanye neminyaka emihlanu ngecala lokulutha izingane ngenhloso yokuzihlukumeza ngokocansi.
INkantolo iphinde yanquma ukuthi akasafanele ukusebenza nezingane, igama lakhe lifakwe oHlwini Lukazwelonke Lwabenza Amacala Ocansi, futhi wamenyezelwa njengongafanele ukuphatha isibhamu.
