Amalungu enhlangano iMarch And March athi avinjiwe namuhla ngesikhathi ezama ukumasha enkabeni yedolobha eMnambithi.
Le nhlangano ibihlele ukumashela endaweni yokucima ukoma eyaziwa ngokuthi kuseNyaseni, okusolwa ukuthi iphethwe ngumuntu wakwelinye izwe ohlala kuleli ngokungemthetho.
IMarch And March ithi ibifuna ukuhambisa imemorandamu kumnikazi wale ndawo, kodwa ayikwazanga ukwenza lokho ngenxa yokuthi ivinjelwe ukuqhubeka nomashi.
Inhlangano iveze ukuthi izizwa icindezelekile njengoba ithi ayisakwazi ukusebenzisa ilungelo layo lokubhikisha ngokuthula nokudlulisa izikhalo zayo.
Iphinde yanxusa iziphathimandla ukuthi zivumele imibhikisho enokuthula futhi ziqinisekise ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukuveza izikhalo zakhe ngokuhambisana nomthetho.
