Umqondisi ophezulu wenhlangano iSonke Gender Justice, uMnuz Bafana Khumalo, uthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini kumele sixolise nakuNdlunkulu, hhayi ebandleni lamaNazaretha kuphela.
UKhumalo uthe kuyabamangaza ukuthi iSilo sibone kufanele ukuxolisa ebandleni lamaNazaretha nakwabanye abathintekile, kodwa asikaxolisi kuNdlunkulu obebhekene nolaka oluvezwe kuvidiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe: “Sinxusa iSilo ukuba sizinuke amakhwapha senze into efanele, okuwukuxolisa kuNdlunkulu.”
UKhumalo uphinde wagxeka labo abagxile ekugxekeni umuntu owaputshuza ividiyo kunokugxila ezinsolweni zokuhlukunyezwa ngokobulili.
Uthe kungenzeka ukuthi isigameko esivezwe kule vidiyo besingesona esokuqala, futhi ividiyo iveza ubukhulu benkinga yokuhlukunyezwa ngokobulili eNingizimu Afrika.
Wengeze ngokuthi ukuhlukunyezwa ngokobulili akufanele kuthathwe njengodaba lwangasese noma lomndeni.
“Kuyenzeka kube nezinkinga othandweni, kodwa lokho akusho ukuthi umuntu unelungelo lokuhlukumeza noma ukusabisa umlingani wakhe,” kusho uKhumalo.
