Abacwaningi baseSikoleni Sobunjiniyela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) bakhe umshini omusha ohlose ukusiza abantu asebekhulile abanesifo sikashukela ukuthi bangakhohlwa ukuthatha umjovo wabo we-insulin ngesikhathi esifanele.
Lo msebenzi uqale ngemuva kokuthi abamele i-Umdoni Retirement Village ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal bacele i-UKZN ukuba ibasize ukuthola isixazululo kule nkinga.
Isikhulu Sobuchwepheshe e-UKZN, uDivesh Maharaj, uthe lo mshini usebenzisa isibani se-LED esikhanya ngesikhathi esihleliwe, siphinde sikhiphe nomsindo ukukhumbuza umsebenzisi ukuthi sekuyisikhathi sokuthatha umjovo wakhe we-insulin. Ipeni le-insulin lifakwa ngqo emshinini ukuze kube lula ukulisebenzisa.
UMaharaj uthe umshini waklanywa ngendlela elula futhi osebenziseka kalula, njengoba abantu abaningi asebekhulile bevame ukuba nobunzima bokusebenzisa imishini enezinhlelo eziyinkimbinkimbi noma izikrini ezincane.
Umshini wokuqala usunikezwe abantu abayishumi abahlala e-Umdoni Retirement Village.
Lo msebenzi wenziwe ngokubambisana phakathi kukaMaharaj, umfundi wonyaka wokugcina wobunjiniyela uKwanele Dladla, kanye noSolwazi Tom Walingo.
Abacwaningi bathi bahlela ukwandisa lolu hlelo futhi basebenzisane nohulumeni nezinye izinhlangano ukuze abantu abaningi asebekhulile bakwazi ukuhlomula kulo mshini ongabizi kakhulu futhi okulula ukuwusebenzisa.
See less
