“Laba abacabanga ukuthi i-ANC ingapheshulwa iphela kanjalo nje, bayaphupha ngoba ngeke kwenzeke. Amaphupho nje,” lawa ngamazwi kaMongameli we-ANC izolo emgubheni waleliqembu wokuqeda iminyaka engo 112 yabakhona.
URamaphosa uncome i-ANC ngobuholi bayo “obungenakuqhathaniswa” beminyaka engu-30, wathi zonke izinhlangano zikaMickey Mouse noDonald Duck ngeke zibe nalutho olwenziwa yi-ANC.
“Zonke lezi zinhlangano zikaMickey Mouse, Donald Duck ngeke zikwazi ukuhlanganisa izinkumbi zabantu baseNingizimu Afrika njenge-ANC,” usho kanje.
Uthe i-ANC ayilona “iqembu elingusomathuba
“Bheka irekhodi lethu leminyaka engu-30 edlule; uzothola ukuthi i-ANC yenze kahle; inesipiliyoni sokwenza kahle, ubuholi ukwenza kahle, nezinhlaka okumele zisebenze,” usho kanje.
Umile kwelokuthi ayikho inhlangano ekwazi ukuhlanganisa abantu baseNingizimu Afrika.
Ukusho lokhu emcimbini wokusika amakhekhe weqembu eMbombela Stadium eMpumalanga ngoMsombuluko.
Lo mgubho ka-112 uzoba ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo, uRamaphosa ethule inkulumo yakhe kumalungu.
Lokhu kulungiselelwa nokwethulwa komhlahlandlela weqembu ngenyanga ezayo KwaZulu-Natal.
Emuva kweminyaka engu-30 ibusa i-ANC, i-ANC isihlale ishayisana ngamakhanda njengoba izwe lidonsa kanzima ngenxa yokwehluleka kwayo.
Lokhu kuhlanganisa amazinga aphezulu okuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, udlame olubhekiswe kwabesifazane, ukunqanyulwa kukagesi okuqhubekayo, ukulethwa kwezinsiza ezingezinhle, ukukhula okubi komnotho nentuthuko, kanye nobubha.
Yize kunjalo kodwa uRamaphosa unxuse umphakathi ukuthi ungalilahli ithemba nentshisekelo yokuvotela i-ANC ukuze uqinisekise ukuthi ihlezi isemandleni ukuze ibuse izwe.
Uthe iqembu selikulungele ukuphatha nokulungisa izinkinga ezikhungethe isizwe.
Uvumile ukuthi zikhona izingqinamba okumele bazilungise ezibhekene nezwe.
“I-ANC yasungulelwa ukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika futhi ikhuthaze ubumbano,” esho ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukulungisa izwe.
Phezu kwalokho umengameli ubonge imindeni yamaqhawe abo, aqinisekisa ukuthi i-ANC isesimweni futhi iphethwe kahle.
Khonamanjalo, uRamaphosa uzichithile izimangalo mayelana nesimo sakhe sempilo, wathi usesimweni esifana nesakhe.