KWETHULWE USONKONTILEKA OZOKWAKHA IBHULOHO ELACEKELEKA PHANSI NGENXA YEZIMVULA E-MPOPHOMENI


UMeya kaMasipala waseMngeni, uMnu Chris Pappas, kanye neKhansela lakuWadi 8, uZine Dlamini kanye nouMnu Buthelezi

oyiNduna yendawo,bethule ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha ibhuloho eliholela endaweni yaseTownview ngaseMpophomeni.

Ngokusho kukaMasipala lomsebenzi kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoJuly kulonyaka. Kanti futhi lomsebenzi uyingxenye yokulungiswa kwengqalasizinda eyalimaka yacekeleka phansi ngemuva kwenhlekelele eyadalwa izimvula ezinamandla kumaWadi ahlukene.UMeya uPappas unxuse izakhamuzi ukuthi ziqinisekise ukuthi lo msebenzi wenziwa ngaphandle kokuphazamiseka.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved