KUBANJWE UMHLANGANO WOKUKHULISA IMIZAMO YEZOKUXHUMANA NAMAKHOSI KUMASIPALA UMFOLOZI


Ugcizelele eyokuxhumana nokubambisana nemikhandlu yamaKhosi uMeya kaMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu, ngenkathi uMeya amakhansela kanye neMenenja kaMasipala uMnu Fred Mazubuko benomhlangano noMkhandlu weNkosi uMthethwa eDondotha namuhla.

Inhloso yalo mhlangano bekungukuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kukamasipala nomkhandlu wenkosi ukuze intuthuko ifinyelele ngendlela emphakathini.UMeya uBhengu uthe kubalulekile ukuthi kube nokusebenzisana phakathi kwamakhosi nomasipala ngoba umasipala uza nentuthuko kanti iNdlunkulu yengamele umhlabathi okusuke kulethwe kuwo intuthuko.

Umkhandlu wenkosi ube usuthola ithuba lokuphawula ngezingqinamba ezikhona emphakathini okubalwa udaba lwamanzi nolukagesi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved