Namhlanje umkhandlu wasekhaya i-Alfred Duma, ngaphansi kobuholi bukaMeya uMhlonishwa uCllr ZJ Sibisi, uhlangana nobuholi bendabuko (Amakhosi) ngaphansi kwaloMaspala ngenhloso yokwethula uSomqulu Wentuthuko Odidiyeliwe (IDP) kanye noHlahlo-mali lonyaka ka-2026/27.
Lo mhlangano ubuhlose ukuqinisa ukubambisana phakathi kukamasipala nabaholi bendabuko, kanye nokuqinisekisa ukuthi izinhlelo zentuthuko zihambisana nezidingo zomphakathi oholwa ngamakhosi.
I-IDP iwuhlelo olubalulekile ekuhleleni intuthuko, kanti uhlahlo-mali lubeka indlela yokusetshenziswa kwemali ukuze kuthuthukiswe izinsiza ezifana nemigwaqo, ugesi, amanzi kanye nezinye izidingo zomphakathi.
Ukusuka manje umaspala uzovakashela amawadi ehlukene kuloMaspala lapho uzokwethulela umphakathi i-IDP.

