Uchwepheshe wezemfundo yezezimali ukhiphe isixwayiso kubathengi beBlack Friday. “Uma unezinto ongazidingi ngempela noma ungenazo izinto ozibekele isabelomali, mhlawumbe mhlawumbu kungakuhle ukuthi ungazihlanganisi neBlack Friday,” kusho uchwepheshe uSalemi Nyati weMomentum Group.
Abanye abathengisi sebeqalile ukunikeza amadili akhethekile ku-inthanethi nasesitolo, ngaphambi kwesinye sezikhathi zokuthenga ezimatasa kakhulu zonyaka.
Ngokwesiko, uLwesihlanu Olumnyama e-US lwenzeka ngemva kosuku olungemva kwe-Thanksgiving futhi luphawula ukuqala kokuthenga ngamaholide.
UNyati uthi nakuba kungaheha ukuhwebelana kweBlack Friday, abathengi kumele babeke phambili izinto ezibalulekile.
“I-Black Friday akuyona into entsha, yenzeka minyaka yonke, ngakho-ke ungadidiswa yigidigidi bese uthenga ngokugagamela ungacabanganga.”