Amehlo azobe ethe njo kowamanqamu wendebe yomhlaba yombhoxo njengoba iNingizimu Afrika izobe itholana phezulu ne New Zealand ngehora lesishagalolunye namuhla kusihlwa eParis.
Kungokweshumi kubanjwa lomqhudelwane owenzeka njalo emvakweminyaka emine, kusuka ngonyaka ka 1987 iNingizimu Africa isiyiqukule amahlandla amathathu lendebe. Kuzokhumbuleka ukuthi amabhokobhoko anqoba okokuqala ngonyaka ka 1995 nalapho lomqhudelwano wawubanjelwe kuleli lengabadi abuye anqoba ngonyaka ka 2007 kwaba nangonyaka ka 2019.
Lezimfivilithi zasekhaya namuhla kungenzeka zivikele lesicoco esaziwa nge Webb Ellis uma nje zingabhaxabula ama All Blacks namuhla nabagcina ukuhlangana nawo esigabane somhlaba eminyakeni engamashumi amabili nesishiyagalombili eyedlule(28).
Uma kwenzeka amabhokobhoko enqoba bazokuba izwe lokuqala ukuyinqoba lendebe Kane.