Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UDJ TIRA USEZOBA NOHLELO OLUKHULUMA NGEMPILO YAKHE KANYE NOMNDENI KUMABONAKUDE

Posted on 29 February 2024

U-DJ Tira usejoyine inqwaba yosaziwayo bakuleli ababeke impilo yabo obala ngohlelo olungokoqobo. UDJ Tira ogama lakhe langempela uMthokozisi Khathi, unkosikazi wakhe uGugu Khathi nezingane zabo bazoba ynngxenye yaloluhleli.

Ngokwemithombo esondelene nalesi sihlabani, lezi zithandani ezihlale zisesitayeleni seziqalile ukushutha uhlelo lwazo isinyenyela. Umthombo wengeza ngokuthi laba bashadikazi banikezwe isamba semali esihle abangakwazanga ukusiphikisa. Loluhlelo luzoveza umndeni wakhe, ukukhuphuka kwakhe endimeni yomculo ngesikhathi esebenzisana kakhulu noDJ Sox kwiDurban’s Finest futhi ehlangene neKalawa Jazzmee ukwenza umculo waseThekwini uthandwe.

Ngokusho komthombo, lo mculi oshisa izikhotha unezindaba nempilo enohlonze azoyikhombisa kuloluhlelo okuhlanganisa nendlela asungula ngayo inkampani aqopha kuyo, i-Afro Entertainment, waphinde wabusa endimeni yomculo enabaculi abafana neBig Nuz eminyakeni engaphezu kweshumi edlule.

Yize esephenduke indoda yomndeni, eshade nowayengumdansi weMafikizolo, uGugu, uDJ Tira uke waba nezinkinga ezindabeni zothando. Wake washada noLale Ngcobo umshado wabo waphela ngesehlukaniso esibuhlungu ngemuva kweminyaka emibili. Umshado walensizwa eneminyaka engu-47 ubudala waphetha kabuhlungu sekunukwana nangokuthakatha. Kusazobonakala ukuthi uhlelo lwangempela luzohlanganisa yini umshado wakhe wangaphambili.

Loluhlelo kulindeleke ukuthi luqale kungekudala nje kwesinye isiteshi sikamabonakude esingakadalulwa.

Recent Posts

  • ABEZIMOBA BAFUNA UHULUMENI AKHIPHE INTELA KUSHUKELA
  • “LOYA BEKUWUMHLANGANO WONTAMO-LUKHUNI WOKUBUKELA PHANSI ABANTU ABAMNYAMA” – MALEMA
  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme