imibono yehlukene kubantu basemtshezi ngesenzo sikaMaspala sokuhlela umcimbi ucishe uqondane nomunye qwemicimbi waminyaka yonke ohlelwa kulo leli dolobha.
Abahleli bomcimbi owaziwa ngokuthi Umtshezi Festival kudingeke ukuthi bawukhansele lomcimbi obuzoba ngomhla ka-30 kuDecember ngenxa yokuthi umaspala Ilanga Libalele uhlela umcimbi ocishe ufane ncimishi nalona ozoba ngomhla ka-31 obizwa ngeLast Dance. Ngokusho kukaMeya walomaspala uMayor Mduduzi Myeza ekhasini lakhe lakuFacebook lomaspala usezingxoxweni noBlack Coffe ukuze naye abe yingxenye yalomcimbi.
Abahleli oMthsezi Festival bakhiphe isitatimende bamemezela ukuthi bayawuhoxisa owabo umcimbi ngenxa yokuqondana nalona kamapala. Indawo yobumnandi iSpanked At The Bar Square Lounge okuyiyona ehlela lomcimbi minyaka yonke, ikhiphe isitatimende ikhansela lomcimbi, ibeka zona izizathu zokuqondana kwemicimbi. nasi isitatimende ngezansi:
Abantu basemtshezi bazwakalise ukungenami ngesenzo sikamaspala sokuhlela omunye umcimbi ofanayo ube ukhona vele umcimbi okhona. Abanye bebeveza ukuthi lemicimbi ayikho ngosuku olulodwa, ibingaqhubeka ingaphazamisani.
UMncedisi ubhale incwadi esidlangalaleni ephawula ngaloludaba, bheka incwadi yakhe ngezansi:
