Amasosha amabili aseNingizimu Afrika ashone kwalimala amathathu eDemocratic Republic of Congo (DRC) ngesikhathi kuqhunyiswa ibhomu enkambini yeSouth African National Defence Force (SANDF) ngabo-1:30 ntambama ngoLwesithathu.
Okhulumela iSANDF uSiphiwe Dlamini uveze lezi zindaba. Uchaze ukuthi amasosha aseNingizimu Afrika ase-DRC njengengxenye yethimba leSouthern African Development Community. Inhloso yabo wukusiza uhulumeni wase-DRC ukuthi alethe ukuthula nozinzo endaweni.
Amasosha alimele aphuthunyiswe esibhedlela eGoma ukuze athole usizo ayeludinga.
“Sisazama ukuqonda yonke imininingwane ngokwenzekile. Kuzoba nophenyo olwengeziwe ukuze kutholwe ukuthi kungani kwenzeke lesi sigameko,” kusho uDlamini.
Ekuqaleni kwesonto iHhovisi likaMengameli lathi uMengameli Cyril Ramaphosa uzotshala amasosha angu-2 900 eCongo.