ISouth African Police Services’ (SAPS) Operation Shanela ibophe abasolwa abangaphezu kuka-600 000 beboshwa onyakeni wabo wokuqala.
Leli sonto lihlanganisa unyaka owodwa selokhu kwaqalwa lolu hlelo, okuhloswe ngalo ukuqeda ubugebengu ezindaweni eziminyene ezweni lonke. Amaphoyisa aphezulu anikeze isibuyekezo ngoMsombuluko ekuseni ngezimpumelelo zawo kusukela lapho.
OyiNhloko yeNational Operations Coordination uMashadi Selepe uthe ingaphezu kuka-71 000 imokhankaso asebeyenzile ngaphansi kohlelo lwe-Operation Shanela kuze kube manje.
“Ukukunikeza imininingwane embalwa nje: sibophe abantu abangu 3481 abatholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Siphinde sabopha inqwaba yabantu abathengisa utshwala ngokungekho emthethweni, sebebonke bangu-19,192. Siphinde saba nezimpahla zomgunyathi – sibe nenani eliphelele labangu-5,041 lalabo ababoshiwe, ukubalula labo.”
USelepe uthe sekuphinde kwaba nezinkulungwane zabantu ababoshelwe ukushayela bephuzile, ukweba izimoto, ukushushumbiswa kwabantu kanye nobunye ubugebengu.