Udokotela wezifo eziwumshayabhuqe u-Tulio de Oliveira uthi ukuqubuka kwegciwane lokuphefumula elisanda kwenzeka e-China nase-India akuyona impinda ye-COVID-19.
Leli gciwane, elihlonzwe njenge-human metapneumovirus (HMPV), lisabalale ezifundeni zaseChina kulobu busika, ikakhulukazi ezinganeni.
Ukuqubuka kwalesi sifo kuza eminyakeni emihlanu ngemuva kokuthi umhlaba waziswa okokuqala ngokuqubuka kwe-coronavirus e-Wuhan China, kamuva eyaphenduka ubhubhane lomhlaba wonke njengoba kubikwe abantu abayizigidi eziyisikhombisa emhlabeni jikelele.
USolwazi de Oliveira uthi lokhu kuqubuka kwamanje kuwumphumela wobusika enyakatho nenkabazwe.
“Esikubonayo wukutheleleka okwenzeka ngamagciwane amaningi kodwa wonke ayaziwa, ikakhulukazi leli elisanda kuvela ezindabeni ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Siyibiza nge-human metapneumovirus (HMPV) okuyigciwane nje elivame ukubangela umkhuhlane. Kepha kanye nomkhuhlane kanye ne-COVID kanye nelinye igciwane elibizwa nge-Respiratory Syncytial Virus, kubangela igagasi elikhulu lezifo zokuphefumula. ”
Khonamanjalo, uhulumeni uthi ukubhekisisa okwenzekayo mayelana nokuqubuka kwegciwane lokuphefumula.