Abawuvali umlomo abebehambele ukwethulwa ngokusemthethweni kwefilimu elifishane eliphekwe edolobheni laseMnambithithi.
Lefilimu esihloko sithi,”Hluphekile” yethulwe ngokusemthethweni izolo ngoMgqibelo ezindlini zesikhungo semfundo ephakeme iSiyafunda Tuition Centre esisenkabeni yedolobha uMnambithi. Bebephume ngobuningi babo abantu bakulendawo abazifelayo ngamafilimu aphekwe ekhaya befuna ukuba ngabokuqala abazibonela ngawabo lefilimu.
Lefilimu ibhalwe yaphinde yaqondiswa uMndeni Sithole wodumo lwefilimu ethi, “Isiginci” eyadla umhlanganiso kowezindondo we-Ethekwini Film Association owaziwa ngele-african Emerging Film Makers Awards eminyakeni emibili edlule. U”Hluphekile” ukhuluma ngempilo yentokazi ogama layo uHluphekile ebhekana nezinselelo ezinzima empilweni yayo ize ingeniswe esibhedlela sabantu abagula ngekhanda.
USithole nosezakhele igama kulendima esifundazweni saKwaZulu-Natal, udlulise ukubonga okukhulu kubalingisi, ithimba labathwebuli kanye nabo bonke abafake isandla ekutheni lefilimu ibe yimpumelelo. phkathi kwabalingisi abayingxenye yalefilimu kubalwa abalingisi abafana noMusa Jokana, Kwanele masango, Thembisile hadebe nabanye abaningi.