Kusiphuka izidindi namuhla kusihlwa 15 October 2023 ngo 19:45, e Stade de France lapho okuzobhekana khona osokhaya okuyi France Kanye nama Bhokobhoko okuyi wona avikela indebe.
Umqeqeshi wama Bhokobhoko Jacques Nienaber umemezele isikwati sakhe esinesipiliyoni lokho okuyizinkomba zokuthi kuzobe kuwudlalo onzima kakhulu njengoba woman 2 Amazwe efuna ukundlulela KUMA Semi finals. Izinkumbi Zabalandeli abazobe begwcele inkundla bathi bane themba lokuthi bazokwazi ukubhekana nayo njengoba abadlali abaningi abazobe begadla ngabo bakujwayele ukudlala imidlalo yemi Ncintiswano ephezulo ngalolu hlobo, abadlali a bafana no Siya Kolisi ongu kaputeni, pieter_Steph du Toit, Duane Vermeulen, Bongi Mbonambi, Eben Etzebeth, Frans Malherbe, Damian de Allende Kanye no Cheslin Kolbe ukukha nje kwabanye babadlali asebemkantshu bomvu okubhekwe lukhulu kubona. Kanti kuthiwa bane kuphela abadlali abangenaso isipiliyoni Kanti kulindeleke ukuba balithole ithuba namuhla njengoba abanye bezoqala umdlalo abanye baqhamuke ebhentshini.
Kuthiwa Zimbili izingunquko ezikhona Uma ku qhathaniswa nomdlalo wabo woku gcina njengoba DE klerk eya ebhentshini bese kuthi Vermeulen angene endaweni Ka Jasper Wiese.
Umqeqeshi wama Bhokobhoko uthembise umdlalo omuhle Nathe kuzobe kungu Qina bhawodi njengoba befuna ukundlulela emuzuliswaneni olandelayo njengoba Amazwe afana no New Zealand Kanye ne Argentina sebezibekisele indawo KUMA Semi finals ngemva kokuba beshaye Ireland Kanye ne Wales ngo 28_24 bese kuba ngu 29_17 phakathi kwe Wales ne Argentina.
Kanti Uma kubhekwa imidlalo esidlalwe ilamazwe womabili(45) amabhokobhoko asenqobe 27 adlala ngokulingana 6 Ahlulwa 12.kanti ama Tries asebawashayile angu 107 Sangenelwa angu 61 Kanti isi score esikhulu esake saba khona ngu 52 _10 kunqoba ama Bhokobhoko. Omunye umdlalo oqhubekayo njengamanje phakathi kwe England Kanye ne Fiji.