Umalusi uthi ukhathazekile ngokushoda kwabasebenzi abazoqapha nokumaka izivivinyo zikamatikuletsheni zeNational Senior Certificate.
Lenhlangano eqinisekisa izinga lezivivinyo ithi lokhu kuphawulwe njengenkinga ekhulayo njengoba uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uqhubeka nokubhekana nezinselelo ezihlobene nokwehliswa kwesabelomali.
Kuyaqondakala ukuthi iHistory, iphepha lesithathu lesiNgisi kanye nesiBhunu zizothinteka ngenxa yokushoda kothisha.
Isikhulu sika-Umalusi uMafu Rakometsi sithi nakuba zikhona izinhlelo ezikhona ezivivinyweni, uMnyango udinga ukuthola isisombululo sezikhathi ezizayo.
“Iminyango eyehlukene yezemfundo ezifundazweni isebenzise izindlela eziphuthumayo, asifuni izimo eziphuthumayo.
Abantu ezivivinyweni basebenza kanzima, basebenza amahora amade. Ngakho-ke isicelo esisinxusayo sibhekisa kumqashi ukuthi sithi lolu daba seluphakanyiswe izikhathi eziningi, manje sekumele lulungiswe. Ngeke iqhubeke kanje, uma kungenjalo izophazamisa izivivinyo.”