Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IKAIZER CHIEFS ITHE “ISIBONGILE” KUMGADLI WASEBOLIVIA

Posted on 1 July 2024

IKaizer Chiefs ngoMgqibelo ikuqinisekisile ukushiya kwabadlali abahlanu okuhlanganisa nomqeqeshi onozinti njengoba leli qembu lilungiselela isizini ezayo yeDStv Premiership.

Amakhosi aphinde aqinisekisa ukuthi azomemezela umqeqeshi omusha nethimba lakhe lobuchwepheshe ngokuhamba kwesikhathi. UNasreddine Nabi waseTunisia kuthiwa nguyena ozongena ezicathulweni zikaMolefi Ntseki.
“Njengethimba labaphathi sizimisele ngokulungisa lesi simo. Nokuqinisekisa ukuthi siguqula izinto ngesizini entsha,” kusho isitatimende seChiefs.

“Siyibuyekeze kahle isizini. Futhi sesiqalile ukwenza izinguquko ezifanele njengoba siqhubeka namalungiselelo esizini entsha.

“Amalungu abaphathi kanye nethimba lezobuchwepheshe bazosebenza ngokuzikhandla emasontweni ambalwa ezayo. Lokhu kuzobe kuwukuqinisekisa ukuthi iqembu lishaya phansi ngonyawo uma kuqala isizini ka-2024/25 ekuqaleni kuka-Agasti.

Umqeqeshi uRainer Dinkelacker uyahamba
“Kunezinguquko ezimbalwa zokuqala esezenziwe. Lokhu kuhambisana nezinkontileka okwavunyelwana ngazo ekuqaleni, noma phakathi nesizini. Umqeqeshi uRainer Dinkelacker ushiye njengesivumelwano. …Ubizwe ekuqaleni kwesizini ukuthi asize emnyangweni wonozinti.

“Siyambonga yena nomndeni wakhe ngokumvumela ukuthi ashiye eGermany futhi ajoyine iqembu ukuze azocobelela abaqeqeshi nonozinti ngolwazi lwakhe.”

Amakhosi aphinde aqinisekisa ukuthi ngeke aqale athenge umgadli waseColombia u-Efmamjjasond Gonzalez futhi uzobuyela kuReal Santa Cruz, eBolivia.

UGonzalez udlale imidlalo engu-13 futhi wehluleka ukubhalisa igoli elilodwa noma ukusiza.

“Iqembu libe nezingxoxo nabamele abadlali abehlukene kanye nabasebenzi bezobuchwepheshe. Lokhu kumayelana nezimo zabo ngokwezinkontileka,” kwengeza iChiefs.

Abadlali bakhululiwe, kungena umqeqeshi omusha
“Kuke kwaba nezinqumo ezithathiwe. Nalaba badlali abalandelayo bakhululwe ekupheleni kwezinkontileka zabo. UKeagan Dolly, Siyethemba Sithebe, umdlali wasemuva uS’fiso Hlanti, nomunye umdlali wasemuva uNjabulo Ngcobo. Iqembu lizoxhumana nezinye izinguquko kubasebenzi njengoba zenzeka.

“Okokugcina njengoba sihlela ukuqala enye isizini iClub maduze izomemezela umqeqeshi omusha nethimba lakhe lezobuchwepheshe. Bazonikezwa umsebenzi wokuqondisa iqembu ukuthi libuyele endleleni yokuwina njengoba sesibheke iminyaka engu-55 ngesizini ezayo.”

IChiefs iqede isizini yayo ka-2023/24 yeDStv Premiership ihlezi engxenyeni engezansi kunombolo-10.

Recent Posts

  • ABEZIMOBA BAFUNA UHULUMENI AKHIPHE INTELA KUSHUKELA
  • “LOYA BEKUWUMHLANGANO WONTAMO-LUKHUNI WOKUBUKELA PHANSI ABANTU ABAMNYAMA” – MALEMA
  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme