Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IGCWALE PHAMA INKUNDLA I-KANDAHAR EMNAMBITHI KUNQOBA EZIKAMAXODE

Posted on 22 October 2023

Ibigcwele phama inkundla yezemidlalo iKandahar Sports Ground eMnambithi ngesikhathi iqembu lasekhaya iDrakensburg United itholene phezulu neqembu laseNewcastle iChess FC izolo ntambama ngehora lesithathu.

Lamaqembu agijima esigabeni se-ABC Motsepe League, womabili ebedlala umdlalo wawo wesibili kuStream B emaqenjini akulesi sifundazwe.

EzikaXolani Zwane odume ngelika Maxode ziye kulomdlalo zilele isine kuleLigi ngamaphuzu amathathu emva komdlalo owodwa, kanti iChess FC yona ibilele endaweni yesishiyagalombili.

IDrakensburg ikhombise zisuka nje ukuthi ifuna ukuwunqoba lomdlalo uma ubheka indlela ebebehlasela ngayo esiwombeni sokuqala, kodwa kwala yona inhlanhla yokuthi ithole igoli. Kuze kwaba ngesiwombe sosesibili ngomzuzu weshumi nantathu nanye lapho sibone khona uMnelisi Sibisi ededele khona ishodi alizwe ngendaba unozinti weChess.

Uze waphela lomdlalo i-Chess izama ukubuya emdlalweni kodwa kwacaca ukuthi i-United iyona ezohamba namaphuzu amathathu kulomdlalo. Umdlalo uphele ngegoli elilodwa kunqoba yona iDrakensburg United.

Ukunqoba kweUnited kulomdlalo kuyithathe kwayibeka phezulu esicongweni saleLigi ngamaphuzu ayisithupha emva kwemidlalo emibili.

Umqeqeshi weDrakensburg United uXolani Khumalo uthi inhloso yabo yinye vo kulesizini, wukukhushulelwa esigabeni esiphezulu,”Asizile nje kuphela ukuzokwandisa izinamba kuleLigi, kodwa sifuna ukuyinqoba futhi sikhushulelwe esigabeni esiphezulu.” Kusho Ukhumalo. Uphinde wabonga abalandeli ngokugcwalisa inkundla wase ebanxusa futhi ukuthi bengadinwa beqhubeke njalo nokweseka leliqembu.

Umdlalo olandelayo weDrakensburg united izowudlala ngomgqibelo mhla ka 28 kwephezulu neTitanic FC

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme