Ugogo wase-Eastern Cape kulindeleke ukuthi ahlangane nomzukulu wakhe oneminyaka emibili owazalwa ejele eNtshonalanga Afrika okokuqala ngqa ezinsukwini ezizayo.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ubuyisele usana eNingizimu Afrika lusuka ejele laseSenegal lapho kuboshwe khona unina wengane.
Le ngane encane itheleke kuleli, iphelezelwa osonhlalakahle, ngeSonto ekuseni izonikezelwa kugogo wayo e-Eastern Cape.
Unina wengane waboshwa eDakar ngokushushumbisa izidakamizwa eminyakeni emibili edlule wabeletha zingakapheli izinsuku eboshiwe.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Lindiwe Zulu, uthe kusukela ngo-2015 zingu-21 izingane ezisesimweni esifanayo ezibuyiselwe emakhaya.
“Angikwazi ukukucabanga ukuhlukumezeka kwengane lapho ingane sekumele ikhishwe endaweni ezalelwe kuyo, okuyisimo esingesihle neze ngoba akukho ngane okufanele izalelwe ejele.”