Umgadli wakuleli ogijima kwi FC Toronto Cassius Mailula usezophinde athole elinye ithuba lokuhlangana futhi naloyo owayengumqeqeshi wakhe ngaphambilini u Rhulani Mokoena kwi Wydad athletic njengoba ezoba ndawonye unyaka owadwa ngombandela wokuthi bengamgcina Uma begculisekile ngaye.
Lomgadli ukuthole kunzima ukuthi athole ijezi kuleminyaka emibili ekuleli qembu lakhe (FC Toronto) yingakho naye ethe angeke aliyeke lelithuba lokuyovuselela ikusasa lakhe ngaphansi komqeqeshi amqonda kahle, kanti futhi okunye okube nomthelela ekuthatheni lelithuba ukuthi nje i Wydad iqembu elikhulu futhi elizobe lidlala kwi fifa club world cup ngonyaka ozayo,akekho umdlali ongalifisi lelo thuba lokuyoba mdibi munye nabanye abadlali abahamba phambili emhlabeni.
Iqembu le Kaizer Chiefs lona liqinise udonga lwabo lwase muva ngo mdlali wase Angola obekade egijima kwi petrol de Luanda okungu Ignacio Miguel 28.
Lomdlali utheleke kuleli sonto wafika washicilela inkontileka yeminyaka emithathu. Kanti ungumdlali wokuqala wakuleliyazwe ukuzigijima eMakhosini.
Uladela abadlali abafana no Gaston Sirino, Bongani Sam, Fiacre Ntwari Kanye no Rushwini Dortley asebevele basayindwe yileli qembu.
Lisathungatha umgadli ongalibheki ipali iqembu njengoba likhala ngokubhekiselwa phansi amaqembu alapha ekhaya ngokungafuni ukuba thengisela abadlali.
Sekuvele olunye uhlu lwabadlali abasencupheni yokulishiya leli qembu njengoba becela eshumini lonke.
Christian Saile, Wandile duba, Lehlohonolo Matlou, Sabelo Hadebe, Happy Mashiane, Aden McCarthy, Zitha Kwinika, Thatayaone Ditlokwe, Ashley du Preez, Tebogo Potsane Kanye no Mduduzi Mdantsane.
Uzokhumbula ukuthi vele seyibadedelile abanye abadlali Abafana no Keagan Dolly.,Njabulo Ngcobo, Siyethemba Sithebe, Sifiso Hlanti Kanye no Jasonel Gonzalez.
Kanti iqembu eligijima kwi Motsepe foundation championship okuyi Durban City lona selihlomule ngomgadli obegijima kwi Royal AM Ruzaigh Gamildien nge sizini eyendlule.
Lomgadli Kubikwa ukuthi inkontileka yakhe ibisethubeni lokuthi ivuselelwe njengoba ubeziqeqesha nabo selokhu kuqalwe amalungiselelo okuqalwa kwe season kodwa ngenxa yemi nyaka yakhe (35)Kanye ne Mali obekumele kukhokhelwane yona ikona okube yimbangela yokuthi ashiye kuleli qembu.
Usezogijima kwezika Farook Kadodia ezisezinhlelweni zokubuyesela leli qembu ebelaziwa njenge (Maritzburg United) ku Betway Premiership Kanti ziholwa ngu Simo Dladla njengo Mqeqeshi.
Kanti omunye umgadli ogase asayindwe kuleliqembu ngu Thamsanqa Gabuza owaduma kakhulu kwe zimnyama, kanti naye kumanje uziqeqesha nalo leli qembu lase Thekwini, Umphathi uthi ulinde nje izwi ku mqeqeshi ukuthi ingabe uyamdinga yini.
Kanti leli qembu kulindeleke ukuba lidlale Umdlalo walo wakuqala wokuvula kwe season yabo njengoba kusasa lokhu okusayo 23/Aug /24 bezodlala Kanye ne Casric stars ngo 7:30 ebusuku e Chartsworth Stadium.