Zinhle kakhulu izintombi zasoThukela, lokhu kugqame kakhulu izolo ehholo lasedolobheni uMnambithi nalapho bekubanjelwe khona umcimbi waminyaka yonke wozime kulesi sifunda.
Lo mcimbi owaziwa ngelika Miss Uthukela ubusuwenzeka okwesibili kulonyaka emva kowuqala owaba yimpumelelo nyakenye.
Ozime abaqhamuka komaspala okubalwa Okhahlamba, NkosiLangalibalele kanye ne AlfredDuma bashiyelane inkundla beqhudelana ngobuhle kulomncintiswano ohlelwa yinsizwa eyaziwayo ekuhleleni kwezonobuhle uKwazi Ohposh Ndawo kanye no-Andiswa Shabalala. Lomcimbi kuhloswe ngawo ukuveza amakhono ozime, ukwakha ukuzethemba kanye nokugqugquzela ukuzithanda kubantu abasha.
Ingqephu kanye nesitayela yinto ebisezingeni elicokeme kakhulu kulomcimbi, Abasunguli balomcimbi uKwazi no Andiswa bathi bayaziqhenya kakhulu futhi bazizwa bethobekile ngokuhlela lomcimbi weqophelo eliphezulu kangaka oThukela.
Isicoco sikhale semuka no Senamile Thwala intokazi eqhamuka eNkosi Langalibalele walandelwa ngu Xolelwa Gwala olale isithathu kwaba ngu Owami Sibiya.