Abafundi bezikole ezahlukene zasendaweni yase-Uitval eMnambithi bazibophezele ngokuziphatha uma sekuqala ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.
Inhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngeNgamandlethu Foundation ibihlele umkhuleko wabafundi bezikole ezahlukene endaweni yase-Uitval.
UMnuz Dumisani Mabele ongumqondisi wale nhlangano uthi bengabazali bebenesifiso sokukhuleka ndawonye nabantwana babo futhi babaseke njengoba sebezoqala uhambo olunzima empilweni zabo.
Kanti umfundi wase sikoleni iNtandoyesizwe High school u Cebisile Nkosi uthi sebekulungele ukubhala izivivinyo zabo nakuba basenovala nje kodwa ngoba abazali babaqinise idolo sebenethemba elikhulu manje
UZenanda Hadebe wase Sgweje High yena uthi akusekho ukubuyela emuva sekumele bayibambe ishisa ipholele ezandleni. Uthi isibindi singumanqoba ngakho njengoba sebethole isibusiso sabazali sekulunge konke. Waphinde wafisela bonke abafundi abazobhala kulonyaka ukubhala okuhle..